ISIHLOKO: Hamba Naye
IQEMBU: Soul Brothers
UHLOBO: Umbhaqanga
UMHLAZIYI: CHARLES KHUZWAYO
EMUVA kweminyaka eyisishiyagalombili kwadlula emhlabeni obecula phambili, uDavid "Mdavu" Masondo, iSoul Brothers isatshakadula njengasakuqaleni.
UMdavu washona eseneminyaka ewu-67 ngoJulayi 2015. Washiya eqophe i-albhamu yesi-40 eyayithi Undendende.
Abuyile amaSoul Brothers engasekho nge-albhamu elithi Iqiniso ngo-2020
Yize uMdavu ashiya embe umgodi ngephimbo kuleli qembu kodwa asebehola phambili, uNkosinathi Ngwenya noThokozani Hadebe, bazamile ngokungamandla abo ukuthi kungezwakali ukuthi kunezwi elishodayo.
Ukhumbule ukuthi uMdavu wayevamise ukucula zonke izindlela e-studio uma kuqoshwa amanye ama-albhamu aleli qembu eminyakeni eyedlule.
Engibancoma kakhulu ngabadlali bezinsimbi nabaphelezela ngamaphimbo ngoba bezwa kuhlale obala ukuthi ngoGandaganda BaseNingizimu Afrika laba.
U-organ kaMoses "Black Mose" Ngwenya, uvele ungikhumbuze Imitshotshovu Yangoqobongoqo ngeminyaka yo-1970 kuya ku-1990, isathi Deliwe, Kulukhuni Ukuba Yindoda, USathane Simehlulile nezinye.
Kwakusekhona oZenzele Mchunu owayedlala u-bass, uTuza Mthethwa owaxebula isigingci, u-American Zulu owayedlala i-rhythm guitar, uMaxwell "Mafuthenkukhu" Mngadi owayedlala i-lead guitar noPopi Sosibo.
Uma ungakholwa ukuthi iSoul Brothers ivuke yasithatha, lalela ingoma yabo entsha sha ethi Vuka Ndoda.
Ngivele ngimbone uMdavu esengqabashiya esteji. Ayishayiwe kodwa ibhambabuliwe. Beyingangena nasembangweni wengoma ehlukanisa unyaka oKhozini.
Ingichazile neyokholo ethi Ukholo Lwami. Ezinye izingoma ezizokugeza ubebebe ngezithi Ubuya Nini? Utshwala, Amanga, Usile, Lomuntu Uyaziwa, Ungiphoxelani, Ukhuluma Kanjani, Uqondeni? Uthando Lwethu nezinye.
Uma wawuzifela ngomculo weSoul Brothers ngeminyaka eyedlule esaphelele, nale-albhamu uzoyithanda.