IZIHLABANI zomculo zaseBergville, uJabulani "Sjava" Hadebe noSiyabonga "Big Zulu" Nene, bayingxenye yamaciko aqokwe kakhulu kumaMetro FM Music Awards.
Lezi zinsizwa ziqokwe ngomsebenzi wazo eziwuqophe ngokuhlanganyela zizibiza ngeNkabi Zezwe. Leli qembu liqokwe eminxeni emine, okungoweBest Produced Album, Best African Pop nakwiBest Collaboration.
USjava noBig Zulu bangene nge-albhamu esihloko sithi Ukhamba nangengoma ethi: Umbayimbayi.
Umculi osanda kuhlabana ngomklomelo kumaGrammy Awards akulo nyaka, uTyla, uzihola phambili kulo mqhudelwano wezindondo ngokuvela kwegama lakhe emaqoqweni ayisithupha.
Uqokwe kangaka nje ngenxa yenoni lakhe lengoma esihloko sithi: Water.
Usemnxeni weBest Song of the Year, Best Female Artist, Best Music Video, Best Viral Challenge nakwiBest Artist of the Year.
Amaciko odumo kumapiano, uKabza De Small noTyler ICU baqokwe amahlandla amahlanu umuntu ngamunye.
UKabza De Small usemkhakheni weBest Produced Album, Best Collaboration, Song of the Year, Best Amapiano nakwiBest Male Artist.
UTyler ICU ungene eqoqweni leBest Collaboration, Song of the Year, Best Viral Challenge, Best Amapiano nakwi-Artist of the Year.
Amanye amaciko aqokiwe ngoJumbo, Ntokozo Mbambo, Lwah Ndlunkulu, Nontokozo Mkhize, Dlala Thukzin, Mbuso Khoza, Sibusiso Mash Mashiloane, Sykes, Thee Legacy, Zakes Bantwini, DJ Kotin, DJ Lag, Nasty C, Nomfundo MOH, DBN Gogo nabanye.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi ozodla umhlanganiso kumunxa ngamunye uzokhala amuke nesamba sikaR50 000 kodwa ozobaqwaqwada emakhanda kwiSong of the Year uzothola uR150 000.
Umphathisiteshi weMetro FM, uKina Nhlengethwa ufanise lomqhudelwano nebhuloho lapho umculo uhlanganisa khona izinhliziyo nemiphefumulo.
"Uyinkundla lapho amaciko, asemnkantshubomvu nasafufusa, eqhakambisa khona uthando namakhono awo kanti balithakasele izinga lemingenelo yomculo abalitholile.
"Amaciko angenelile yilawa anekhono elisezingeni lomhlaba elincintisana nezingwazi zamazwe ngamazwe," kuphetha uKina.
Isiqubulo sakulo nyaka sithi Black To The Future ngoba kubungazwa impumelelo neqhaza lamaciko amnyama endimeni yomculo.
Abazodla umhlanganiso bazomenyezelwa emcimbini ozokuba seMbombela Stadium, eMpumalanga futhi uzobe usakazwa bukhoma kuSABC 1 ngo-Ephreli 27.