UMENGAMELI womfelandawonye wezinyunyana zamaciko i-Cultural and Creative Industries Federation of South Africa (Ccifsa) ukhwele wadilika kuNgqongqoshe wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kuzwelonke ngokuthi ufuna “igqa” ngabo kulandela ukuthi ethe le nhlangano iqola amaciko.
UGayton McKenzie ekhuluma emngcwabeni kaDoc Shebeleza (Victor Bogopane) eRandburg, ngoMgqibelo, uthe amaciko aqola amanye ngokusungula izinyunyana.
UShebeleza ushone ngeledlule ngemuva kokugula elandelana nozakwabo uWinnie Khumalo naye obengcwatshwa ngoMgqibelo.
“I-Ccifsa iyona nhlangano ehamba phambili ngobugebengu. Sebekhokhelwe izigidi wuMnyango wezeMidlalo, ubuCiko namaSiko kodwa akukho mali uma kushona iciko. Abakwazi ngisho ukufaka isandla ngezigidi esibanika zonke zona balethe ngisho u-R20 uma kushona iciko kodwa bamele amaciko. Abanikazi bezinkampani zokuqopha bakhona, kungani ngisho kulo mngcwabo kufanele ukuthi ngisize. Nikuphi?” kusho uMcKenzie.
Le nkulumo ayehlanga kahle kuMengameli we-Ccifsa kuzwelonke, uJoy Mbewana, otshele leli phephandaba ukuthi inzondo anayo ungqongqoshe nge-Ccifsa uhluleka nokuyifihla.
“Ikhona neye inkulumo eqoshiwe ayenza ethi i-Ccifsa ayikaze ilethe ngisho umbiko owodwa ngokusebenza kwemali lapho umqondisi jikelele obambile uthi sawuletha futhi uphelele. Udlala ipolitiki, ngabe kungcono ukuthi ukhuluma iqiniso. Nganginethemba lokuthi sizosebenzisana. Akaqondi ukuthi usebenza kanjani. Uma uthe uzoshanela umgwaqo, shanela ngemali onikwe yona. Uma ufuna ukushintsha uyabhala uchaze. Asikaze siyithole imali yokungcwaba amaciko. Ngisho imali esiyitholayo ayanele ukulawula imboni izwe lonke,” kusho uJoy.
Uthe kusuka ngo-2020, sebethole imali elinganiselwa ku-R12.5 million emnyangweni. Ebuzwa ukuthi bayenzeni, uthe u-80% wezethembiso zabo bazifezile.
“Kuningi esikwenzile. Sihlalise ingqungquthela yemigomo ngoba i-Ccifsa ibingenayo, sakhe izinhlaka zobuholi ezifundazweni, ezifundeni nakomasipala abancane okuyinto ebingekho. Nge-Covid-19, yithina esafunela amaciko imali yokuthi asizakale. Kuningi nje,” kuchaza uJoy.
UJoy uthe uMcKenzie akukhulumi ngezinhlelo zakhe ngoba abanye ongqongqoshe baphambilini bayakwazi abakwenza.
“Akazi lutho ngemboni yethu. Okunye akuzwayo yimigosi ethi i-Ccifsa yaqalwa wuJacob Zuma, inabantu be-ANC nokunye. Uma kunokhetho lwe-Ccifsa, awubuzwa ukuthi ukuliphi iqembu kodwa kubuzwa umkhakha wezobuciko okuwo. Kodwa okwenzekayo yizinkomba zokuthi nomengameli wezwe akayithatheli phezulu eyemboni yezobuciko.”
Uthe njengomuntu omnyama besingekho isidingo sokuthi amemezele emngcwabeni ukuthi ufake isandla emndenini.
“Nangesikhathi efika uGayton wakhipha uhla lwamaciko ahlomula elambile ngesikhathi se-Covid 19. Kuwukufuna ukubukwa kuye, ufuna igqa akanandaba nesithunzi sikaDoc Shebeleza. Uma uhulumeni engafuni ukusiza amaciko akasho.
“Thina siyasiza kodwa hhayi ngemali kahulumeni ngoba iyakhulumisa. Sike sakhuluma ukuthi sidinga ukuba nesikhwama sezimo eziphuthumayo esizosiza. Sisohlelweni lokuba nebhange lamaciko ukuze ezokwazi ukusizakala kulo. UGayton kumele akhumbule ukuthi sikhokha u-25% wentela njengamaciko.
“Angakhulumi ngathi imali ngeyakhe. Akangcwabe kuthuleke. Awukwazi ukuma phezu kwesidumbu uthi mina lapha ekhaya imina olethe amazambane. Kusho lukhulu ngaye. Yishwa nje ukuthi le GNU isibeke la esibeke khona. Ongqongqoshe bafuna igqa. Akungiphathi kahle ukuthi ungqongqoshe aqhoshe ngokusiza uDoc Shebeleza.”