BAYANDA osaziwayo abaseka intokazi yodumo kwiTikTok, uTamara, emuva kokuba ikhwele yadilika kubantu besifazane abazitshelayo ekubeni “sebengamaqhasha”. Nalabo abamgxeke bamhlikiza ngokuthi athi kabasafanele ukuzitshela ngoba abasena-value.
Bekungekhona okokuqala uTamara eqwashisa abantu besifazane kodwa sekukaningi.
Ubuye wabagxoba ebakhuza ngokugcaluza emadolobheni beswenke ngezimpahla ezibaveza ubuntu babo nangokucela imali emadodeni ekubeni bengathandani nawo. Uthe kuwubufe... ukwenza lokho ungumuntu wesifazane. Wabuye wakhuza umhlola kwabafuna ukugana sebenezingane nabaya kubo kwezingane zabo begqoke ama-leggings namabhulukwe.
Yize abanye bemncoma uTamara ngokuthi ukhuluma iqiniso kodwa kwabanye azehli kahle izinkulumo zakhe, ikakhulu umculi wegqom', uSizwe Mdlalose, owe-Afro pop uMs Level nakuMaMbovu odunyiswe wuTikTok.
UMs Level, ongunina wengane kaNtencane, uthe njengoba uTamara ebiza abanye abantu besifazane ngonondindwa, eminye iminwe ikhombe kuye.
Nakuba kunjalo, umsakazi woKhozi FM, uTshatha Ngobe, uthe onenkinga nokukhuzwa ngobufe... kusho ukuthi naye uyiso, kwaphela. "Qhubeka ntombi, ungabanaki abakugxekayo."
Nomculi kamaskandi uMzukulu, uthe yena uyameseka uTamara ngoba unguyise wengane yentombazane, wathi uyadabuka uma ebona kunabantu besifazane abagxeka izinkulumo zikaTamara. "Hheyi ziyazala izingane zethu ezincane. Siyamdinga umuntu ofana nawe ozozisabisa," kusho uMzukulu.
Abanye abamsekile uTamara ngoXolani Mcineka weMpucuzeko Maskandi Festival, usomabhizinisi uSibu "MaSotobe" Sibiya, somahlaya uNdlebe wodumo kuKhozi FM nabanye.
Ngenxa yezinsongo esezitholwe nguTamara, sekusungulwe iqeqebana elizibiza ngeTeam Tamara.
Leli qembu eliholwa ngozibiza ngoMyeza kwiTiktok, seliqalile ukuqongelela imali ngenhloso yokuthengela uTamara imoto eyiPolo.
Njengamanje seyingaphezulu kuka-R20 000 imali esiqoqiwe esukela ku-R10. Kwasebenikelile kubalwa nomculi kamaskandi, uMthandeni SK okuthiwa unikele ngo-R3 000, ngokusho kukaPapa G Gumede.
Abaseki bakaTamara bathi bafuna kuthi kuqambe kushaya umhla ka-3 Mashi ibe seyihlangene lemali. Ngaphandle kwalokho kukhona othembise ukuthengela uTamara iPhone ebiza uR36 000, i-16 Pro Max kanti omunye uthembise ukuxhasa le ntokazi ngezincwadi zokushayela ne-learners.
Akugcinanga lapho, iMboma Security Services izibophezele ngokugada uTamara kanti useqashwe nasemcimbini wamatshitshi oseThekwini. Yize esethole izinsongo kodwa uTamara uthi akasahlehleli emuva.