ISIHLABANI sakuleli esihlabana kumaGrammy Awards, uNomcebo Zikode, sigqugquzela amaciko akuleli ukuba aziqhenye ngemvelaphi nangolimi lwawo uma efuna ukuvelela emazweni angaphandle.
Ukhuluma kanjena nje, uNomcebo, usanda kuhlabana ngendondo kumaGlamour Music Awards abeseThe Historic RITZ Theatere, eNew Jersey, e-USA muva nje.
Le ntokazi edabuka eHammarsdale, eThekwini, imukeliswe lo mklomelo emuva kokushiya izithameli zisahalela impinda ngamanoni ayo kule ndumezulu yomcimbi.
UNomcebo uthe akudingekanga ukuba aze acule ngolimi lwesiNgisi futhi ashintshe ubuyena ukuze aphenduke intandokazi phesheya kwezilwandle.
"Ngiyabonga ngokubusiswa ngale ndondo enhle. Ngizizwa ngibusisekile ngokuhlonishwa yibo bonke abantu kuzozonke izinkalo zomhlaba."
UNomcebo, oqale ukuzakhela udumo ngengoma kaMasterKG ethi Jerusalema, uthe lo mklomelo owokuthakaselwa komculo wakhe ngabantu emhlabeni namaphethelo.
"Ngiyabonga kumaGlamour Music Awards ngokungiqhakambisa kanye nomlando wami wokusuka eNingizimu Afrika ngisabalale umhlaba wonke."
Uthe okumenza aziqhenye kakhulu ngale ndondo ukuthi uyimukeliswe wumphakathi ongamaLatin-Americans, okuyisizwe esikhuluma isiRomance, okuwulimi oluyingxubevange yeSpanish, isiPutukezi nesiFrench.
"Lo mklomelo ukhuluma ngamandla asemculweni wethu njengabantu baseNingizimu Afrika. Ulimi ocula ngalo alusona isithiyo endimeni yomculo emhlabeni jikelele futhi lo mklomelo ungikhumbuza ukuthi akunankinga ukuqhubeka nobumina njengoba ngiwuNomcebo Zikode, futhi nginethemba lokuthi uzogqugquzela nabanye ukuba bahlale beyibo ngasosonke isikhathi."
Kwenzeka lokhu nje uNomcebo usochungechungeni lwamakhonsathi akhe olubizwa nge- Izono Zami USA Tour. Akukhona okokuqala uNomcebo ehlonishwa.
Uqale wahlonishwa yiSenator yaseNew York, uKevin S. Parker. Akugcinanga lapho ngoba uphinde waqokwa njenge-Cultural Ambassador yeWest Indian American Day Carnival Association futhi wahlonishwa nawuMhlonishwa uYvette D Clarke oyilungu leNinth Congressional District of New York ne-United States House of Representatives.
Lo mculi usehlonishwe emazweni amaningi okubalwa kuwo iTunisia, Togo, Benin, Ivory Coast, Burkina Faso, Cameroon, United Arab Emirates, USA, Switzerland nakuleli imbala.
NgoJuni kulo nyaka, uNomcebo uhlonishwe wumndeni wowayeyinkosi yomculo we-pop emhlabeni uMichael Jackson nenhlangano yakhe iMichael Jackson Heal The World Foundation eParis, eFrance.