USibonile Ngubane, okumanje wenza izimanga elingisa indawo kaDifa Gumede kuMkhokha The Curse, ugonyukile washo ukuthi weseka inhlangano eqembuke kwi-ANC, uMkhonto Wesizwe Party.
Emkhankasweni muva nje, weqembu elesekwa nguMnuz Jacob Zuma, eMandeni, uSibonile ubonakale egxoba itoyitoyi futhi ecula ingoma yomzabalazo ethi Ubuyile Umkhonto Wesizwe, Sizoshaya AmaBhunu.
Uthe uMkhotho Wesizwe Party ubuyise ithemba kuye. “Sikhathele maaan! Sikhathele!” Ube esegqugquzela abantu ukuba baphume ngobuningi babo beyobhalisela ukuvota okhethweni oluzayo.
“Ngeke size sikwazi ukuphumula uma singenza iphutha lokuthi singayi ukuyobhalisela ukuvota. Sizoqhubeka nokuthwala idombolo.”
Esephetha uthe ukungayi ukuyobhalisela ukuvota kufana nemizamo ephelela emoyeni njengezithukuthuku zenja, maqede wathi “Viva Mkhonto Wesizwe Viva! Phambili NgoMkhonto Phambili!”
Ngaphandle kokudlala kuMkhokha nakuZalo, lo mzalwane okhonza kwaShembe, ubuye aziwe ngelikaMbovu kwiSibaya nangoPhakathwayo kwi-Estate, okuwumdlalo obukhonjiswa kwiSABC 3.
Ukhuluma kanjena nje, ngale mpelasonto kulindeleke ukuba abantu bahambele ezikhungweni zokuvota beyobhalisa noma beyobheka amagama abo emqulwini wabavoti.