PHEZU kwezinxushunxushu ezenzeke emidlalweni yosaziwayo iJammin 2 Soccer Tournament ezinkundleni zaseTsakane Stadium, eKurhuleni, ngeSonto kodwa umsunguli walo mqhudelwano uthe bazoqhubeka nayo.
Ekhuluma neSolezwe, uKhuzani uthe okwenzeke ngeSonto kuyingxenye yokuthi abashintshe ukwenza kulo mqhudelwano ngoba sewumkhulu kakhulu.
“Lokhu okwenzeke izolo (ngeSonto) kuzumile, besingazi ukuthi kanti izinga lomncintiswano seliphezulu ngale ndlela.” Uthe umdlalo usazoqhubeka nangonyaka ozayo kodwa sebezoqinisekisa ukuthi abalandeli babe novo kusukela isaqala ukuze kungenzeki okuthandwa yibo kodwa benze okuthandwa ngabantu,“ kuphetha uKhuzani.
Lo mculi kamaskandi ukhulume kanje emuva kodweshu olusuke sekufanele kudlalwe umzuliswano wamanqamu phakathi kweHip Hop FC neGqom FC ngenxa yokuthi ukaputeni weGospel FC, uDumi Mkokstad ushaye phansi ngonyawo.
Ubekhala ngokuthi iGqom iphule umthetho ngokungamdlalisi umculi wesifazane ekubeni bona bedlalise uPuleng March futhi iGqom FC beyisebenzisa abadlali abaningi abangama-professional.
Yilapho uBig Zulu weHip Hop FC enyukelwe khona wumoya, waze wabiza uDumi ngomfana futhi uyabadakelwa kubheke wonke umuntu kuSABC 1.
NeMaskandi FC beyikhala ngokuthi iHip Hop beyidlalise umculi obengekho ohlwini lwababhalwe phansi. Lowo mdonsiswano wenze iSABC Sport ingabe isawusakaza umdlalo wamanqamu ngo-3 ntambama.
Esekhuluma nabalandeli bakhe kuFacebook, uDumi uchaze uBig Zulu njengomuntu ongawulaleli umculo wokholo ngenxa yokuwubukela phansi futhi wabuye wathi ungundlovukayikiphiswa.
"UBig Zulu akamlaleli omunye umuntu. Mina sengimbonile, (yingakho) bengingasamnaki nokumnaka."
Ekhuluma bukhoma kuFacebook , uBig Zulu uqale ngokuxolisa kakhulu futhi kaningi kuDumi nasemndenini nakubalandeli bakhe ngokumbiza ngomfana yize eshadelwe. Yize esexolisile kodwa uBig Zulu umsolile uDumi ngokudaza inkani kuze kuphazamiseke umdlalo wamanqamu. Uvumile ukuthi miningi imithetho ephulwe ngamaqembu kanye nethimba elihlela lomqhudelwano.
IGqom kaDJ Tira beyihlule iGospel FC ngo 2-1, kwathi iHip Hop FC yaqumba phansi ngo 2-0 iMaskandi FC kaKhuzani.
UDumi uthe yena akazisoli ngalokho ngoba ubelwela ubulungiswa ngenxa yokuthi oBig Zulu noDJ Tira baphule imithetho eyabekwa yibo. Lo mculi, wodumo lwengoma ethi Mbize, uxolise kuphela kubalandeli ebebezobuka imidlalo, kubaxhasi nakuSABC.
Nakuba uDumi ethi bona bebemsulwa kodwa uzakwabo, uThinah Zungu, uvele waphuma eceleni njengojosoka, wathi nabo njengeGospel bebepikile kodwa bahlulwa.
UQhosha weMaskandi FC, uthe uDumi ubelwela into ekhona, wasola iHip Hop FC ngokwenqaba ukuhoxiswa kwi-final ekubeni idlalise umdlali obengekho ohlwini.
"Umsindo ubengeke ubebikho ukube iHip Hop isamukele isinqumo sokulahlwa yicala."
Phezu kwalo msindo, imidlalo iqhubekile njengoba indebe igcine iwinwe yiHip Hop FC kwathi iMaskandi FC yalala isithathu.
Imizamo yokuthola ukuphawula kweSABC ayiphumelelanga kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.