OWAYENGUMPHATHI woKhozi FM uBhodloza Nzimande, uthi imisebenzi yakhe yokuqhakambisa umculo wesintu isiyazikhulumela. Usho kanje nje uNzimande, yingoba uzohlonishwa emcimbini oqhayisa ngamagalelo alabo abasendimeni yomculo kuleli ngezindondo, iSouth African Traditional Music Awards (SATMA) ezoba ngoDisemba 5 esifundazweni, iMpumalanga.
UBhodloza uthe ngesikhathi eqhakambisa umculo wesintu, wayengabheke kunconywa kodwa kwakuyintshisekelo nothando lwesintu.
“Angiyena nomuntu othanda ukukhuluma ngesengikwenzile emculweni wesintu kodwa lokho akusho ukuthi angiwaboni amagalelo ami kuwona. Uma abeSatma bethi bazongihlonipha ngalo msebenzi, ngizizwa ngijabule kakhulu.
“Lokho kusho ukuthi nabanye abantu bayabona amagalelo ami kuwona. Ngangiwukhuphula ngoba ngibona ukuthi yiwona abazophila ngawo abaculi ngoba abanye babengafikanga ndawo nemfundo kodwa benekhono kuwona. Bengihlala ngicela nabantu baseNingizimu Afrika ukuba beseke umculo wethu wesintu ngoba uyisinkwa kwabanye,” kusho uBhodloza.
UNzimande uzohlonishwa nabanye abanamagalelo amahle emphakathini kulo mcimbi.
UKeletso Dlamini, ongumxhumanisi kumaSatma, uthe babheke amagalelo abantu ngokwehlukana kwabo, base bethatha isinqumo sokubahlonipha.
“Abanye abazohlonishwa kumaSatma, kukhona uJaji Vuka Shabalala, uZulu Boy owaqala ukucula umculo wehip hop ngesiZulu, uMaster KG obeke iNingizimu Afrika ebalazweni ngengoma yakhe iJerusalema, uBaba uSteve Kekana naye angangatshazwa amagalelo akhe emculweni noLucky Dube,” kusho uKeletso.
Kubaculi abazonandisa kumaSatma kulo nyaka, kukhona uZahara, Thokozani Langa, Vhudie wodumo lwengoma iYoki Yoki, amaqembu omculo wesintu nabanye.
UKeletso uthe amaSatma azobe ehanjelwe ngabamenyiwe kuphela nonyaka, ukuze
bangabi baningi emcimbini ngenxa yeCovid-19. Uthe abantu bangawabuka emakhasini ezinkundla zokuxhumana eSatma, futhi azoqoshwa aphinde akhonjiswe kuSABC1.
OWAYENGUMPHATHI woKhozi FM, uBhodloza Nzimande
Isithombe: SIGCINIWE