OLUTHANDO KETEYI
KUTHE ngqoklo ukuxokozela ezinkundleni zokuxhumana izolo ngemuva kokuthi ukaputeni weqembu lesizwe lombhoxo Amabhokobhoko, uSiya Kolisi nomkakhe uRachel, bememezele ukuthi bayaliphonsa ithawula ngomshado wabo.
Lezi zindaba zishiye abaningi benkemile kulandela ukubuya kwalo mndeni eFrance lapho uKolisi kade edlalela khona iqembu i-Racing 92. Inkontileka yakhe nayo yanqanyulwa isigubhukane ngemuva kokukhononda kwabanini baleli qembu ngokuthi lo mdlali akafikanga kuleli zinga elabenza bamkhiphela izindodla zemali bemletha eFrance. Kumanje uKolisi usebuyele kuma-Sharks eThekwini.
Esitatimendeni esikhishwe yilaba kubhalwe kanje: "Lesi sinqumo sisuka ekujuleni kothando kithi, ukuhloniphana nokuqonda ukuthi lena yiyona ndlela yokuya phambili kithi sobabili. Ubuhlobo bethu buzoshintsha kulokhu ebesiyikho njengabaganene, kodwa akunabutha futhi sizobambisana ekukhuliseni izingane zethu, sizinike uthando olufanayo futhi sizinakekele ngendlela vele eziyejwayele.
"Sizoqhubeka ngokusebenza ngokubambisana emsebenzini we-Foundation ngoba lokhu kumqoka kithi," kuchaza isitatimende esifakwe ezinkundleni zabo.
Lezi zithandani beziyizintandokazi kwabaningi kusukela ziqala ukwazana ngo-2012 okwavela ukuthi kwakuyiphathi ndawana thizeni eStellenbosch, lapho kokheleka khona inhlansi yothando.
Ngo-2015, bathola umntwana wabo wokuqala umfana, owelanywa yintombazane ngo-2017. Bafaka ngaphansi kwekhwapha izingane ezincane zakubo kaKolisi ngo-2014. Ubulivilivi bomshado wabo, owakhonjiswa ohlelweni lwethelevishini i-Top Billing, wawungo-2016.
Laba bake bathwala kanzima phambilini ngokunakashelwa kukho konke abakwenzayo, kukhona nokuchashwa ngezici nangokwebala. Kokunye kunezintokazi ezimnyama ezazishisa ovuthayo umbango zithi uKolisi ufunani kwabamhlophe zikhona zona. No-Rachel akazibekanga phansi egxeka lezi zintokazi ezazithi ziyi-"type" yomyeni wakhe.
Esitatimendeni baphethe ngokunxusa abalandeli babo ukuba bahloniphe isinqumo sokudivosa kwabo ngalesi sikhathi besacathula, beqaqa ifindo ebeselibenze baba munye.