ABACULI bakamaskandi izingoma zabo ezishisa izikhotha ezinkundleni zokuxhumana okukhona kuzo iTik Tok, bazoba yingxenye yomcimbi Igcwalisa Spring Picnic.
Umcimbi walo nyaka uzoba seKings Park, ngoNovemba 2.
UMthokozisi Zuma osethimbeni elihlela umcimbi uveze ukuthi njengoba sebebakhiphile abaculi abangu-11, sekusele ukuthi baqede ngabavotelwayo nabesifazane abakumaskandi bese bekhipha uhlu oluphelele.
“Ithimba elihlela umcimbi lizohlangana libheke abaculi besifazane abazoba yingxenye yomcimbi. Ngomhla ka- 22 kuzobe kuvalwa ukuvotela abaculi abahlanu abalandeli ababona ukuthi kubafanele ukuba yingxenye yalo mcimbi kulo nyaka. Ngesikhathi senza isimemezelo kwabezindaba sakubeka kwacaca ukuthi abanye abaculi sizobheka ukuthi izingoma zabo zenza kanjani kwiYouTube. Sasho sathi abaculi izingoma zabo ezihlukene abazikhipha selokhu bangena emculweni nezinababukeli abafika ku-1 million yibona esizobathatha kuqala sesikwenzile lokho,” kuchaza yena.
Uthe abaculi asebekuqinisekisile ukuthi bazoba khona kulo mcimbi kubalwa uSminofu, Limit Nala, Gatsheni, Mzukulu, Inkosi YamaGcokama, Menzi, Jaiva Zimnike, Ntencane, Skweletu, Umafikizolo noMthandeni.
“Kusuka namhlanje (izolo) ngo-6 ntambama sizomemezela abaculi beminye imikhakha abazoba yingxenye yomcimbi. Siyabonga kuwona wonke amaciko esisebenzisana nawo. Abalandeli okumele bakwazi ukuthi uma bengamboni umculi abamthandayo kulo mcimbi bazi ukuthi kube khona la singavumelani khona uma kuza ekukhokhelaneni, bonke abaculi abenza kahle izingoma zabo ezithandwayo futhi abanegama sifuna babe yingxenye yalo mcimbi ukuze sijabulise abazowuhambela, isiqubulo salo mcimbi siyasho ukuthi kungami, kungawe, kungathi sonke,” kuphetha uZuma.
Uthe uhlu oluphelele bazolumemezela esontweni elizayo.
Amathikithi uthe ayatholakala eTicketpro ngo-R250 no-R1500.
Uveze ukuthi ngoLwesihlanu ngo-4 kuya ku-9 ebusuku bazobe besesikhungweni semfundo ephakeme i-UKZN, e-Edgewood lapho bezobe beyonxenxa khona abafundi ukuthi bahambele lo mcimbi.
Uthe babophele abaculi abahlukene okukhona kubo uKhuzani, Big Zulu, DJ Tira, Mjolisi nabanye.