UDINGA usizo ngezindleko zokwelashwa esezifinyelele ku-R700 000 umculi wowokholo, uSolly Moholo.
Ngokwesitatimende somndeni, esikhishwe yinkampani yabameli iNB Makhanya Attorneys Inc, uSolly Moholo uhlaselwe yisifo sohlangothi eyocula eBotswana. Lesi sifo siye sathikameza nokusebenza kwezinye izicubu zomzimba.
USolly onguSolomon Mojalefa Molokoane (64) wazakhela udumo ngokucula edlubhe umfaniswano wamadoda ebandla iZCC.
Uye waphuthunyiswa esibhedlela sakuleliya lizwe ngoba ubedinga usizo lwezempilo kwatholakala ukuthi kufanele ahlinzwe ekhanda.
Kuvele ukuthi ubuyiselwe kuleli ukuze azokwelashwa ngapha kanti umndeni wakhe uveze ukuthi izindleko okuhlanganisa ezokumhlinza ekhanda ukuze alulame sezifinyelele ku-R700 000.
Lo mculi wamanoni athi Jesu ba mmitsa tsotsi, Moruti Nthapelele, Ke lahlile Bokinza namanye ubezokhipha i-albhamu ngoSepthemba 14.
Umndeni ucele imithandazo neminikelo kubalandeli, abaholi bomphakathi nabo bonke abangathanda ukusiza lo mculi.
Abafisa ukunikela bangafaka imali kwi-akhawunti yase-FNB ethi Radipeke Mmaphora Business Enterprise, 6240235030 babhale ukuthi donations.
AbakwaMoholo bathembise ukuthi bazolokhu bewazisa umphakathi ngesimo salo mculi ezinkundleni zakhe zokuxhumana njengoba bekuyindlela ayisebenzisayo ukuxhumana nabantu.