SIKHULU isililo ngokudlula emhlabeni komculi wodumo lwengoma ethi Ndinavalo, uYolanda "Yallunder" Nyembezi.
IZINDABA zokushona kwalo mculi odabuka eMbizana, e-Eastern Cape, ziqinisekiwe yimenenja yakhe uLerato Sejeng, nayisitatimende somndeni. Bathe uYallunder (30) kumenele ngoLwesine esibhedlela saseGoli, iCharlotte Maxeke Academic Hospital.
ULerato ucashunwe ethi umufi uqale ukugula nyakenye, engena ephuma esibhedlela. Phakathi kokugula obekumhlasele kubalwa ukushodelwa i-iron nokungabi negazi elinempilo (anaemia). Umndeni uthe uYallunder ulwile kakhulu nokufa isikhathi eside kwaze kwamenela.
"Ukuhamba kwakhe kuvule imbobo engacabangeki ezinhliziyweni zethu kodwa siduduzwa ukuthi umculo, amagalelo nothando lwakhe kuzophila ingunaphakade. Kulesi sikhathi esinzima esibhekene naso, sicela imithandazo, ukwesekwa nokuqonda njengoba sisazikhotha leli nxeba lokulahlekelwa. Sizonazisa ngezinhlelo zesikhumbuzo nezenkonzo yomngcwabo ngokuhamba kwesikhathi," kuphetha isitatimende somndeni.
UYallunder waqala ukuveza ikhono lakhe e-albhamini ayiqopha ngaphansi kwenkampani kaSjava, i1020 Cartel neyayididiyele bonke ozakwabo esihloko sithi Isambulo ngo-2020.
Kulelo cwecwe wavelela ngezingoma ezithi Inhliziyo, Abanjani nethi Ndinovalo. Ubuye wasebenza nezingwazi ezinjengoKabza De Small, Oskido, Morda, Heavy K, Lemon & Herb. Kwababhonge emswanini ngokushona kukaYallunder ngoKelvin Momo.
Umufi uhambe emhlabeni eseqopha ngaphansi kwenkampani yakhe iMasani Music.