Kujatshulelwe ukuvela kwezindaba zokulotsholwa kukaVuyokazi Nciweni wodumo lohlelo Izingane Zesthembu kuMzansi Magic.
UVuyokazi wavela kulolu hlelo njengentombi kaMpumelelo Mseleku. Kwavela imibiko yokuthi usethandana nompheki uXolani Sabelo okuvela ukuthi nguye obemlobola.
NgeSonto kwi-Instagram ufake isithombe embethe okubhalwe ukuthi “becoming Mrs S”. Bekukhala ingoma kaNkosazanna Daughter ethi Dali Wami futhi ebhale nombhalo othi kufezwe isithembiso wafaka nomfanekiso wendandatho.
Uhalaliselwe ngabangani bakhe abahlukene.
Umlingisi ophinde abe wumsakazi uNelisiwe Sibiya uthe: “Uma ungakwazi ukushintsha indoda, shintsha indoda.”
UVicky_black02 uthe: “Kwaze kwakhanya la endlini.”
UXolani naye ufake izithombe zikaVuyokazi ezihambisana nevesi leZaga 18:22 elithi: “Ofumana umfazi uthola okuhle; uzuzile isisa kuJehova.”
Naku-X abantu bebehalalisela uVuyokazi.
U-Beyond Disebo uthe ukulotsholwa kwakhe yizindaba ezimnandi kuye.
UMbali Mashinini umhalalisele.
UNondu Nkosi uthe ungachitha iminyaka nomuntu ongafanele kodwa uma uNkulunkulu eletha okufanele kuthatha amasonto ambalwa noma izinyanga.
“Halala Vuyokazi ekugcineni ukhethe okukufanele.”
Kwenzeka lokhu nje kwisizini edlule yeZingane Zesthembu ephele ngeledlule kuvele uVuyokazi onezingane ezimbili noMpumelelo eveza ukuthi sekuphelile phakathi kwabo.