Uqale ngesasasa umcimbi waminyaka yonke iDrakensberg Extravaganza eBergville ozodonsa kuze kube wuDisemba 8.
Lo mcimbi uqale ngomjaho iDrakensberg Marathon ngoMgqibelo okuthe ebangeni lika-42km kwanqoba uSinethemba Tshangase oshaye intambo ngo-2:15:47.
Kwabesifazane kunqobe uLikeleli Majara ongene ngo-2:48:40.
Bobabili bahlomule ngo-R20 000 umgijimi ngamunye.
Kuthe kuqedwa lapho kwaqwalwa izintaba eRoyal Natal Park kubhekwe eTugela Falls.
"Siqale kahle kakhulu yonke into. Imingenelo yeMarathon iphele yonke futhi yakwazi ukuheha abantu abaqhamuka ezifundazweni ezahlukene. Amahhotela abeqashwe wonke abanye beze balala eHarrismith nakoMnambithi," kusho umgqugquzeli womcimbi uMnuz Sipho Ndaba.
Uthe abanye baqede ukugijima bayoqwala izintaba.
"Abaningi vele bathathe isinqumo sokuchitha impelasonto yonke ngapha nokuyinto egqugquzela ezokuvakasha. Ebusuku bekunombukiso wemidlalo yeshashalazi eWinterton," kuchaza uSipho.
NgeSonto uthe bebenomncintiswano wabadobi obuhlanganise izinhlanga edamini iWoodstock.
"Sibe nabadobi abangaphezu kuka-200 nokuyinto esijabulisa kakhulu ukuthi umncintiswano uyakhula."
Kusuka ngoLwesibili kuya kuLwesithathu eBergville Sports Complex kuzoba nengqungquthela emayelana namathuba akhona ngokutshala insangu nangokuyishintsha yenze imikhiqizo ehlukene.
"Sizoqala ngoLwesibili sibe nengqungquthela namakhosi, izinduna nabaholi bomphakathi sikhulume ngamathuba akhona. Kuzothi ngakusasa bese ivuleleka kuwo wonke umuntu ngoba sisebenzisana nohulumeni wakwaZulu-Natal ukuthi sibe nesikhungo sokuyishintsha insangu isebenze emikhiqizweni ehlukene."
NgoLwesine, uthe kunengqungquthela ethinta ukuhlala ngokubekezelelana neyokuvuselela isimilo emphakathini.
NgoDisemba 7, uthe baneMusic Experience ezoba seWoodstock Dam lapho kuzoba nabaculi noDJ abahlukene. Uthe uhlu oluphelele bazolukhipha maduze. Ngakusasa endaweni efanayo uthe bazoba ne-picnic yokusonga iDrakensberg Extravaganza yanonyaka.
IDrakensberg Extravaganza ixhaswe yiSolezwe.