IKHWAYA yaseClermont isimemezele ukuthi izokwenza idili lomculo e-ICC ngoDisemba 6, ukubonga impumelelo yohambo lwayo lokuyonandisa phesheya nomculi kamaskandi uKhuzani Mpungose.
NgoSepthemba le khwaya ihambele eDubai naseNew York, iyoqhakambisa umculo wakuleli kanjalo namasiko ethu ahlukene.
Ikhethe ukuhamba noKhuzani njengoba ithi ungelinye lamaciko ahamba phambili emculweni kamaskandi.
Kuleli dili lomculo okuqale ukudayiswa kwamathikithi alo izolo kuzonandisa abaculi okukhona kubo uBig Zulu, DJ Tira, Khuzani, Blaq Diamond nabanye abasazomenyezelwa.
UWiseman Mkhize ongumphathi wekhwaya, uthe bajabule ngohambo lwabo olwathela izithelo eziningi njengoba bahlangana noMengameli Cyril Ramaphosa, uNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli abababonga kakhulu ngomsebenzi wabo.
“Uhulumeni wasishayela ihlombe ngomsebenzi wethu njengamaciko aKwaZulu-Natal. Ngakho manje sibheke phambili ekutheni sizotshela abantu ukuthi sifike senzani kula mazwe amabili, njengoba eminyakeni emihlanu ezayo sizohambela kuwo siyonandisa ngenxa yokuthi kukhona izivumelwano esaba nazo. Okunye esizokumemezela namhlanje ukuthi sizoba nedili lomculo sizotshengisa abantu bakithi esifike sakwenza bese sethula ingoma esiyisungule khona phesheya neyenza kahle selokhu iphumile ethi Ubhontshisi.” kusho uWiseman.
Uthe kubamangazile ukubona isasasa ngale ngoma okuzothi ngosuku lomcimbi basho umsuka wayo.
Umlingisi woZalo, uCebolenkosi Mthembu olingisa indawo kaNyawo, uthe ukuvuleka kwamathuba afana nalawa kumenze wathobeka, wanxusa abantu ukuthi bahambele umcimbi.
UKhuzani uthe wayengazi ukuthi ngelinye ilanga uyoke abone umculo wamakhwaya uhlangana nokamaskandi, nokuyinto engumlando kuye.
Uthe baningi abaculi bakamaskandi abazoba yingxenye yalo mcimbi nabazobamemezela ekuhambeni kwesikhathi.