USAZIWAYO owazakhela udumo ngokwethula uhlelo olulwa nezidakamizwa kwiMoja Love, uXolani Khumalo, ukhuza ibuya kwithelevishini.
UXolani wodumo kwiSizok'thola uzokwethula uhlelo olusihloko sithi Operation Slyza Tsotsi. Lolu hlelo nalo oluzobe lulwa nokudayiswa nokushushumbiswa kwezidakamizwa kulindeleke ukuba luqale ukusakazwa kwiStarSat Channel 120 ngoSepthemba 7 ngo-8.30 ebusuku.
UXolani, osagqigqa enkantolo ngoxhaxha lwamacala avulelwa wona esathula iSizok'thola, uthe uchichima injabulo nge-Operation Slyza Tsotsi.
"Injabulo yami enkulu ngalolu hlelo ukubona intsha ebisiyimilutha yezidakamizwa seyiguqule impilo yayo futhi izama ngawo wonke amandla ukulwa nokuqalekela izidakamizwa."
Uthe okunye okwenza izihlathi zivakashele izindlebe ukuphinde ahlangane nabalandeli bakhe.
Okhulumela lolu hlelo, uBokani Moyo, uthe i-Operation Slyza Tsotsi izoqala zonke iziqephu ngokukhiphela eshashalazini imilutha yezidakamizwa ichaza ngemikhuba eyigiliswe yilesi sihlava. Uthe uXolani uzobuye abonakale exoxisana nemindeni yemilutha ebihlukumezeka ngesikhathi imilutha iyifuna imali uma seyiqalekile.
Esephetha uBokani uthe isiteshi iStarSat sizobuye siqeqeshe mahhala imilutha esizelwe kabusha ukuze iqashwe njengabanye babasebenzi abazobe benxenxa abantu ukuba babe nezindishi futhi ikwazi ukufakela abantu izindishi emakhaya abo.
UXolani wakhonjwa indlela kwiMoja Love emuva kokutholakala ukuthi uneXolani Khumalo Foundation. Lokho kwenzeka emuva kokuvulelwa icala ngokufa komlisa wase-East Rand, eGauteng, owayesolwa ngokushushumbisa izidakamizwa, uRobert Valerie. Umufi wafa emuva kokuba uXolani nethimba lakhe begasele kwakhe bezomphenya ngezidakamizwa ngoJulayi nyakenye.
UXolani ubeseNkantolo yeMantshi yasePalm Ridge eGauteng izolo ngelinye lamacala okubulala abhekene nawo.