EMALOKISHINI kubizwa ngokugwarana kanti emakhaya kubizwa ngokugconana ekubeni phesheya kwezilwandle bakubiza nge-roast. Asebeke babona iRoast of Somizi, Roast of Khanyi Mbawu, Roast of AKA neRoast of Kenny Kunene, bazovuma ukuthi kusuke kungasiniswa amahleza kulolu hlelo.
Abanezinhliziyo ezincane ngeke balunga ngoba ugconwa ngezici noma ngezigameko ezimbi ezake zakwehlela. Nakuba kunjalo kodwa kusuke kuyiyona ndlela obungazwa ngayo ngabantu abasondelene nawe kanye nezitha zakho.
Yilokhu okungalindelwa ngabantu kwiRoast of Pearl Thusi eLyric Theatre eGold Reef City, eGoli, ngoNovemba 21 ngo-7.30 ebusuku.
Yize bengakamenyezelwa abazobe bepheka ngebhodwe elincane (umancishana) uPearl (36) kulo mcimbi kodwa uthi bazozifica zigawulwe zabekwa kuye.
Ephawula esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uPearl uthe akasiye neze umafikizolo kule ndima yezokungcebeleka.
"Emuva kweminyaka ngiyibambile ishisa emkhakheni wezokungcebeleka, angimusha kwingcindezi. Ngizilungiselele ngokwanele ukubhekana nengizobe ngingcofwa ngakho. Ngikholwe uma ngithi ngizolenyusa kakhulu izinga kulokhu."
Inkonyane kuPearl izobe ingasithuki isisinga njengoba ayeyingxenye yeRoast of AKA ngo-2019.
Uthe umehluko ukuthi kulokhu kuzobe kugconwa yena kakhulu kodwa abazobe bemgwara abangazitsheli ukuthi bazozenzela kuye.
Le ntokazi, edabuka elokishini laseThekwini, KwaNdengezi, iqale ukuzakhela udumo kuleli ngesikhathi ingenela uMiss Kaizer Chiefs. Ibuye seyithula izinhlelo zomculo kwithelevishini futhi yasakaza nakwiMetro FM.
Nasemkhakheni wezokulingisa izakhele udumo ngokulingisa emidlalweni esezingeni lomhlaba njengeZone 14, Kalushi, Quantico, Catching Feelings, The No1 Ladies' Detective Agency, Kalushi nakwiFistful of Vengeance.
Abazophundulwa yilo mcimbi bangaphatheki kabi ngoba uzosakazwa okokuqala kwiComedy Central ngoDisemba 8 kulo nyaka ngo-9 ebusuku.