NJENGOBA izinto zimapeketwane kuKhozi FM kulandela ukwesula isigubhukane komphathi wezinhlelo, uPearl Maseko-Binqose ngenyanga eyedlule nomphathisiteshi, uSbongi Ngcobo ngoLwesithathu, ababeyizilomo zalo msakazo bazohluba udlubu ekhasini ngokuxoshwa kwabo.
ULinda "Mr Magic" Sibiya noNgizwe "Zulu Charmer" Mchunu, bazogonyuluka konke ngobuhlungu ababuzwa ngendlela abaxoshwa ngayo kulesi siteshi.
UMr Magic uze ahlengezele izinyembezi futhi agqunqe nasebusweni uma echaza indlela axoshwa ngayo owayengumphathisiteshi kulo msakazo, uMnuz Bonga Mpanza. “Le ndoda yazama ukungibulala nokuqeda ngomlando wami,” kusho uMr Magic kumazwibela esizini yesibili yohlelo olukhonjiswa kwiShowmax nakuMzansi Magic i-Unfollowed.
Sekukaningi uMr Magic ekuveza ukuthi indlela axoshwa ngayo nguMpanza oKhozini, yaba nobulwane ngoba wancishwa ithuba lokuvalelisa kubalaleli ekubeni asebenzela uKhozi ngokwethembeka nokuzikhandla.
Laba basakazi ababengaconsi phansi kulokhu bazobe bephekwa ngemibuzo wuSpitch Nzwawumbi, ongene endaweni yomethuli weSeason 1 yalolu hlelo, uThembekile Mrototo.
UNgizwe uze akhushukelwe wushukela uma esexinwa wuSpitch ngemibuzo kanti kunesiqephu lapho kuvezwa khona isigameko lapho uNgizwe ayekhwela edilika kubasebenzi basebhanoyini iFlySaFair.
Yileso sehlakalo esenza uNgizwe wavalwa unomphela ekubekeni umcondo wakhe emabhanoyini ale nkampani ngoba kucatshangelwa ukuphepha kwabagibeli.
UNgizwe wakhonjwa indlela kulesi sikhondlakhondla somsakazo ngo-2018 emuva kokusolwa ngokupotshozela imithombo yezindaba izimfihlo zoKhozi. Ijazi lagcwala umoya kuMr Magic ngo-2014 ngenxa yezinsolo zokuthatha uxhaso lwemali e-Edcon kodwa wagcina engawenzanga umcimbi ayelufunele wona.
Sekungumlando ukuthi uMr Magic wagcina etholwe emsulwa yiNkantolo yaseGoli ebhekene namacala okukhwatshaniswa kwemali. Njengamanje uMr Magic, oseyilungu le-Economic Freedom Fighters, ulingisa kuZalo abuye abe ngumpathi wesikole sokusakaza iMzansi Broadcasting Academy. Usegxile kakhulu kwiTV njengoba ebuye ethule uhlelo lwezingxoxo, Umshado Unzima noMnakwethu Re-Union kwiMoja Love nakuMzansi Magic
UNgizwe usabonakala ephethe izinhlelo emicimbini yesintu kuphela kodwa useke wasebenza noDr Khehlelezi kwiVuma FM.
Lezi zinsizwa zaKwaZulu-Natal, eziyibekile induku ebandla kulo mkhakha, zizobe zisina zidedelana kwi-Unfollowed nabanye osaziwayo bakuleli okungumfundisi osagqigqa enkantolo ngecala lokuhlasela esikoleni uPastor Mboro, umrepha obuya ejele ngecala lokubulala umkakhe uPitch Black Afro, uMel Viljoen weReal Housewives of Pretoria, umethuli wezinhlelo zethelevishini owaboshelwa ukushaya uBoity Thulo, uBujy Bikwa kanye nomrepha oyindodana kaBrenda Fassie, uBongani Fassie.
*I-Unfollowed Season 2 izoqala ukukhonjiswa kwiShowmax kusukela ngoLwesithathu ngoNovemba 27.