UMLINGISI ozakhele udumo ngokudlala indawo kaSbongile emdlalweni wethelevishini iSbongile & The Dlaminis, uLuyanda Zwane, ugqugquzele amaciko asafufusa ukuba alibambe ngazo zonke ithuba alitholayo.
ULuyanda (20) waseThekwini ubengomunye wezikhulumi emcimbini wokwethulwa komqhudelwano obizwa nge-48-Hour International Short Film Competition emahhovisi eFilm and Publication Board eMusgrave, eThekwini.
ULuyanda uchaze kabanzi ngohambo lwakhe kulo mkhakha wokulingisa njengoba esebuya kwiDurban Gen, Shaka Ilembe ne-Outlaws.
Isolezwe Ngempelasonto lithole ukuthi kulo mncintiswano kusuke kuqhudelana amaciko ngamafilimu angeqi emizuzwini eyisikhombisa ngezinsuku ezimbili kuphela.
Oyimenenja ye-48-Hour International Short Film Project eThekwini, uNerusha Maharaj-Sadapal, uthe lo mqhudelwano uyingqophamlando kuleli dolobha.
"Ngempelasonto eyodwa sizokwenza amafilimu awu-100, ngayinye izobe yenziwa ngamahora awu-48. Lena yimpumelelo esikujabulelayo ukuthi uyingxenye yayo," kusho uNerusha.
Eqhuba uNerusha uchaze kabanzi ukuthi abadidiyeli bamafilimu bangenela kanjani nokuthi yimiphi imithetho elandelwayo namathuba akhona.
Uthe lo mncintiswano wenziwa emazweni angaphezu kuka-140 emhlabeni jikelele.
Phakathi kwezicukuthwane ebeziwuhambele kubalwa obeyiPhini leMeya yaseThekwini, uNkk Fawzia Peer noMnuz Fezile Peko weDurban Film Office.
Kugqugquzelwe abenzi bamafilimu basemazweni ahlukahlukene ukuba bangenele umncintiswano wakulo nyaka ngoba kusavulelekile futhi amafilimu azokhonjiswa emcimbini wokuklomelisa amaciko awu-25 adle umhlanganiso.
Lo mncintiswano uzoqala ngoSepthemba 27 kuya ku-29. Uthe kuzoba nezinkundla zokucobelelana ngolwazi ngoSepthemba 21-22, ukuqoshwa kwamafilimu kuzokwenzeka ngoSepthemba 27-29, ukukhonjiswa kwamafilimu kuzokwenzeka ngo-Okthoba 25-27 bese abahlabene bazomenyezelwa emcimbini ozokuba ngo-Okthoba 27.
*Abadinga ukwazi kabanzi ngalo mqhudelwano bengangena kule-website: www 48hourfilm.com/Durban.