UNontuthuko Gumede, uthe kumanje uxabana nomndeni wakhe njengoba evele kwithelevishini emasontweni amathathu edlule elwela indoda. Uthe ubezitshela ukuthi uyalingisa ngoba etshelwe nokuthi kumele akhulume athini, maqede wavalwa umlomo ngoR1000, ukuthi angatsheli abantu ukuthi isiqephu esinaye besingelona iqiniso njengoba kulindelekile ukuthi kuvezwe into eyiqiniso kulolu hlelo.
Isiqephu esinaye, sishuthelwe eNtinyane, eMbumbulu. Uthe nezithandani avele nazo kulesi siqephu uyazazi futhi akunankinga phakathi kwazo.
“Lapho besishuthela khona kukubo kowesilisa obekuthiwa siyambanga. Uhlala nayo intombi yakhe futhi akukho zinsolo zomjolo ezikhona phakathi kwabo.
“Njengoba mina ngikhokhelwe uR1000 ngalesi siqephu, lezi zithandani zinikwe uR2000 ukuthi nazo zingakhulumi.
“Ngisho namakhondomu avele kulesi siqephu ayebekwe yimina ngoba kwashiwo ukuthi angenze noma yini ezokwenza isiqephu sikholeke.
“Ngenxa yokuthi bengithenjiswe imali engadalulwanga, bengizitshela ukuthi ngizokhokhelwa into ehlakaniphile kanti ngizovalwa umlomo ngoR1000.
“Kumanje ngixabene nomndeni wami ngemali engekho, futhi umndeni awukholwa uma ngiwutshela ukuthi bengilingisa,” kusho uNontuthuko.
Kulolu hlelo uNontuthuko ubebizwa ngoBlondie, athe yigama alinikwe wuJub Jub ngelanga abelingisa ngalo.
Emva kokushuthela lesi siqephu, uthe baze bamncoma bathi unekhono lokulingisa njengoba enze into yakhe yakholeka ukuthi eyangempela kanti kuyadlalwa.
UBlondie, uthi ufuna ubulungiswa ngokwenzeke kuyena ekhohliswa ngokulingisa kanti ushuthela Uyajola 9/9 engazi.
Uveze ukuthi okubuhlungu abalesi siteshi bamcishise nekhasi lakhe leFacebook ukuze abantu bangakwazi ukumthola.
Okhulumela iMoja Love, uLindiwe Mbonambi, uthunyelelwe i-email ebuzwa ngalezi zinsolo zokushutha isiqephu sohlelo esingamanga, wangayiphendula. Esefonelwa uvumile ukuthi bayitholile i-email bazophendula kodwa kwangenzeka lokho.
Uphinde wathunyelelwa umyalezo kwiselula nawo wangawuphendula. Esetshelwa ukuthi udaba luzoqhubeka noma bengaphendulanga, ucele ukuthi kuxhunyanwe nomphathi wezinhlelo uBokani Moyo.
UBokani naye uthunyelelwe i-email nomyalezo kwiselula kodwa wangaphendula kwaze kwashaya isikhathi sokushicilela.
Ngaphambi kokuba ashuthele lolu hlelo uNontuthuko, uthe wacelwa abesilisa ababili abahlangana naye esitaladini eThekwini, bamtshela ngohlelo lwethelevishini abafuna alushuthele kodwa bangalisho igama lalo.