Isilomo somethuli wezinhlelo zethelevishini esiphinde sibe ngusomabhizinisi, uBonang Matheba, sithi abantu bazobona abangajwayele ukukubona ngaso ohlelweni oluveza impilo yaso iB’dazzled by Bonang ezoqala kwiS3 kusuka ngoJulayi 29.
Lolu hlelo oluyiziqephu eziyisithupha neziyimizuzu engu-46, uBonang ungomunye wabadidiyeli balo ngaphansi kwenkampani yakhe iBonang Matheba Entertainment neCake Media kaDavid Phume.
Luzokhonjiswa njalo ngo-6 ebusuku ngoMsombuluko. Kuthiwa luzokhombisa ababukeli abebengakwazi ngale ntandokazi yabaningi kuleli.
“Ngemuva kweminyaka emingaka ngisemkhakheni wezokungcebeleka, ngiyajabula ukukhombisa abantu uhlangothi lwami olungaveli njalo – amabhizinisi ami nokuthi asebenza kanjani ukuthuthukisa umphakathi. IB’dazzled by Bonang ihlanganisa izingqinamba zansuku zonke ezihambisana nokuqhuba amabhizinisi nobukhazikhazi abalandeli bami ababaziyo futhi ababuthandayo,” kusho uBonang.
Inhloko yakwaS3, uSane Zondi, ithe bayazi ukuthi uBonang uletha inqwaba yababukeli nokuyinto abake bayibona esiteshini nakwezinye izinkundla zakwaSABC phambilini.
“Lolu hlelo siluthathe ngenhloso yokunyusa isibalo sababukeli futhi luyingxenye yeqhinga lethu lokwandisa izinhlelo zokungcebeleka ezisezingeni lomhlaba,” kusho uZondi.
UBonang, oke waba wumethuli wohlelo iLive Amp kwiSABC 1, akaqali ukuba nohlelo olukhuluma ngempilo yakhe. Phambilii wayeneBeing Bonang eyayisakazwa kuMzansi Magic.