UMAKADEBONA womlingisi wakuleli, uThembi Nyandeni, uvamise ukudlala izindawo zabantu besifazane abanonya nabangamaqhalaqhala.
Abaningi bazomkhumbula enguMkabayi Zungu kwiSibaya enguSelina Khumba kwi-Zone 14 futhi enguBeauty "Umfazi Wephepha" Luthuli kwiKwakhala Nyonini? ngaphambi kokuba wuNjinji Magwaza kuZalo.
Kushaqeke abantu abaningi ngesikhathi echiphiza izinyembezi ngesikhathi sekufanele akhulume ngomklomelo wakhe we-Lifetime Achievement kuma-8th Gagasi FM Shero Awards abeseThe Capital Zimbali Resort, eBallito ngempelasonto.
UThembi (66) uke wabibitheka imizuzu emibalwa kwaze kwadingeka ukuba uzakwabo, uPortia Ncwane, ahlabelele ingoma ethi Halala Siyakubongela futhi kwakhona ommukelisa i-tissue yokusula izinyembezi.
UThembi uthe yena uze kulo mcimbi engazi ukuthi kunenduku afihlelwe yona emqubeni.
"Ngesikhathi ngishayelwa ucingo, angibuzanga lutho. Bengithi nje isimemo, ngathi angiye ngoba abantu bami laba abangimemayo. Angizange ngilungiselele nenkulumo ebengizoyethula. Bengizogeqa amagula. Ukube bengazi bengizokhuluma sengathi angikaze ngakhuluma ngaphambilini."
Uthe kodwa akhonjiswe khona nokushiwo ngabantu ngaye kwenele.
"Abantu abangazi kangcono. Ngihlale nabo. Bayangazi. Angifuni ngisho ukukhuluma ngoba yini eningazi kangcono. Yinina engakhuluma kangcono ngami, kunabanye abantu."
Esephetha, ubonge abagqugquzeli nabebezomhalalisela. Ngesikhathi umcimbi sewuya emaphethelweni, bewusungaphika ukuthi nguye lo Thembi obetetema ngendlela abedansa ngayo aze akhase phansi nezithameli.
Umqondisi-jikelele weGagasi FM, uthe kumchazile ukuzithoba kukaThembi nangokutusa kwakhe umklomelo abamhloniphe ngawo.
Echaza ngalo mqhudelwano wezindondo, uMinenhle uthe bawusungula ngenhloso yokubungaza abesifazane abangadumile kodwa abayizibonelo ezinhle emphakathini.
Uthe isenzo sephoyisa uSergeant Njilo yiso esimchaze kakhulu njengoba akwazi ukuthatha ingane eyayilahliwe, wayiyisa kosonhlalakahle.
Uhlelo lwalo mcimbi, obekuswenkwe kuwo ngombala obizwa nge-Shades of Nude, beluphethwe wumsakazi weGagasi uNjabs Zwane kanti bekunandisa uDumi Mkokstad , Andiswa Maduna no-DJ Happy Gal. Isikhulumi sosuku bekunguNkk Lindiwe Khuzwayo.
Abanye abaklonyeliswe yilaba:
* Big Business Professional: Nokwanda Dlamini
* Creative Arts: Mbali Mthethwa
* Community Leadership: Zodwa Biyela
* Education: Nqobile Gwala
* Entertainment and Music: Portia Ncwane
* Enterprise: Nothando Shazi
* KZN Ambassador: Sanele Mhlaba
* Public Service: Sgt Njilo
* Science and Technology: Dkt Gugu Jali
* Sport: Charmain Shandu
* Social Entrepreneurship: Bongiwe Mhlongo