UMLINGISI ongumsakazi weGagasi FM, uNelisiwe Sibiya, ungomunye wabalingisi bomdlalo omusha ozokhonjiswa kuMzansi Magic ngenyanga ezayo.
UNelisiwe, osakaza uhlelo oluthi Early Risers njalo ngoMgqibelo ngo-4 ekuseni, uzolingisa kwiThonga, okungumdlalo ozovala isikhala soMkhokha The Curse phakathi nezinsuku ngo-8.30 ebusuku.
AboMzansi Magic bathe iThonga lizoqala ukukhonjiswa kulesi siteshi ngoMsombuluko ngoMashi 3.
Lo mdlalo uzobe ukuthatha ukubeka ngothando, uzwano nobumbano emaweleni. Wake wezwa kuthiwa amawele abelana ngomphefumulo? Kuningi okuzofundwa ngababukeli kulo mdlalo. Abanye abalingisi abanohlonze namava ababamba iqhaza ngoBonko Khoza, Ayanda Borotho, Noluthando Ngema, noSiphosethu Mabaso.
Ngamafuphi lo mdlalo ukhuluma ngoBanele noSanele, abangamawele abahamba izindlela ezingafani njengoba kukhona ohamba ekukhanyeni, nonyathela ebumnyameni kodwa abangasoze bahlukana.
Ngokwesitatimende esithunyelelwe abezindaba, lo mdlalo uqoshelwe KwaZulu-Natal futhi ubuye udingide kabanzi ngaMadelangokubona. Ongumqondisi wezinhlelo ezivutshelwe kuleli, uShirley Adonisi, uthe lo mdlalo owuchungechunge ugxile ebudlelwaneni bamawele nokufuna ukuvikela umlando.
UBonko ongomunye wamawele, uthe usekulangazelele kabi ukuthi ababukeli babone iThonga. “Umdlalo odabuka eNingizimu Afrika ogxile osikweni lesiZulu futhi ungomunye wemidlalo yokuqala ekhuluma ngesihloko esisha.” Unxuse abantu bakuleli ukuthi baze bangaphuthelwa yilo mdlalo.