UMDLALO owuchungechunge osakazwa kwi-e.tv, Isiphetho-Destiny, uthole umlingisi ongumakadebona kule ndima, uThemba Ndaba.
Lezi zindaba ziqinisekiswe ngokhulumela lo mdlalo uNyiko Bilankulu.
Uthe uThemba (65) uzobhekisa amabombo eMzimhlophe lapho ezolingisa khona indawo kaBheki "Gwinyitshe" Sibanyoni.
"Ukufika kwakhe kuzohlukumeza abantu abambalwa, okubalwa kubo uZwelakhe." UThemba uzoqala ukubonakala kulo mdlalo osakazwa kwi-e.tv ngo-6.30 ntambama kusukela ngoLwesine.
UNyiko uthe uGwinyitshe uzotheleka eMzimhlophe ngenhloso yokuzohlangana noConnie (okuyindawo elingiswa wuGugu Gumede), nokuyilapho kuzovela khona ukuthi bake bathandana ngesikhathi uConnie aseyitshitshi cishe eminyakeni engu-40 eyedlule.
"Ngaphandle kwalokhu kuxhumana, wake wajola noBlondie (Linda Sokhulu) eminyakeni eyedlule."
Kuzoshaqeka abantu abaningi uGwinyitshe esehlaba phansi ngedolo ecela umshado kuConnie kubuka wonke umuntu.
Isolezwe lithole ukuthi ukushisa kuzosuka uma amanzi esephinda ema lapho ake amakhona phakathi kukaGwinyitshe noBlondie. Njengendoda yomZulu uGwinyitshe uyehluleka ukugxila koyedwa kodwa usehlela ukushadelwa uBlondie noConnie kanyekanye.
Yize intsha iqale ukwazi kabanzi ngekhono likaThemba enguBrutus Khoza emdlalweni obusakazwa kuMzansi Magic, iThe Queen, kodwa yena usenguqolothakamango emkhakheni wokulingisa.
Leli ciko elazalelwa eSoweto kodwa lakhulela eSwatini, selike lalingisa kwiMachine Gun Preacher, Hopeville, Zone 14, The Road, Mfolozi Street, Gomora, Rockville, Rhythm City nakwiQueendom.
Ngo-2011 wake wahlabana ngendondo yeGolden Horn kumaSafta nakuma-Africa Movie Academy Awards ngokudlala indawo eqavile efilimini iHopeville.
Ngo-1998 washadelwa wuSophie Ndaba obenguQueen kwiGenerations kodwa bahlukanisa ngo-2007 sebebusiswe ngezingane ezimbili. Manje useshadelwe nguJosey Ndaba, anomntwana oyedwa kuye.