UMLINGISI owazakhela udumo ngendawo ayeyilingisa kwiSarafina nakwiYesterday, uLeleti Khumalo, unxuse ukuba bande abantu besifazane abasezikhundleni eziphezulu emidlalweni.
Le ntokazi ikhulume kanje kwi-e.tv emuva kokuklonyeliswa ngendondo yeLifetime Achievement kuma-2nd Golden Elephant Awards abeseMarket Theatre, eGoli.
"Engingathanda ukukubona kwenzeka kule ndima, ukuba sibe nabantu besifazane abangobasi. Kuqala manje, uma ngingakhuluma iqiniso. Kodwa uma singaba nabesifazane abaningi abanjengophrojusa kungaba kuhle kakhulu. Kancane kancane kuyenzeka. Le mboni inkulu," kusho uLeleti obengumdidiyeli omkhulu emdlalweni obukhonjiswa kwi-e.tv, Imbewu The Seed kodwa manje osebambe iqhaza kwiMuvhango.
ULeleti uhlonishwe ngalo mklomelo nomkhaya wakhe abadabuka naye KwaMashu, uDkt Thembi Mtshali-Jones. Le ngwazi yaqala ukuzakhela udumo ngokudlala kwi-Ipi Ntombi ngaphambi kokuba nguThoko kwiS'gudi Snaysi.
"Kwakunzima ngempela. Siqale ngeminyaka yo-1970 singakavunyelwa ukuba sibe nama-passport. Wawufike uye phesheya, uthi nje wehla esikhumulweni sezindiza uphucwe."
Uthe yena wagcina ethathe isinqumo sokuhlala phesheya nokwamenza wagcina esesebenza nezinkakha zakuleli ezazisekudingisweni, okubalwa kuzo uHugh Masekela.
Lezi zintandokazi ebezilingisa izindawo eziqavile kwiMbewu The Seed zilandele ezithendeni zenkakha uJohn Kani, okuzibulwe ngaye kulo mqhudelwano.
Umsunguli womqhudelwano wezindondo futhi ongumdidiyeli omkhulu wemidlalo eminingi yethelevishini, uDuma Ndlovu, uthe baklomelisa amaciko ayibekile induku ebandla kuleli nasemazweni angaphandle.
Uthe amagalelo kaThembi noLeleti akathandabuzwa njengoba bafike bazakhela igama naphesheya kwezilwandle.
UDuma ungumnikazi weWord Of Mouth neDNA Academy futhi ungumdidiyeli omkhulu woMkhokha The Curse, My Brother's Keeper, Muvhango, Uzalo neQueen Modjadji.