NGOKHISIMUSI abantu bangazijabulela ngokujamela amathelevishini njengoba umculi we-opera waselokishini laKwaNdengezi, eThekwini, uMduduzi "Zulu Pavarotti" Majola, ezobe eqhulula amanoni kaKhisimusi ohlelweni lwe-1KZN TV, Abavumi Bengcwenga, namhlanje ngo-8 ebusuku.
Kulolu hlelo lomculo wamakhwaya olusakazwa wuDkt Sipho Nzimande, uZulu Pavarotti, uzobe ecula ngokuhlanganyela nomzwilili womculo we-opera, uThembi Sithole.
UZulu Pavarotti uthe ukujabulele kakhulu ukuthola leli thuba ngoba lizomveza nakubantu abebengalazi ikhono lakhe.
Unxuse abantu abazophuthelwa wuhlelo lwanamhlanje ukuba babuke impinda kuDStv Channel 261 ngoLwesine ngoDisemba 28, ngo-1 emini.
"Abangakwazanga ukungibuka kwithelevishini, bazongibuka bukhoma ngicula amaChristmas Carols ebandleni lamaSheshi, iSt Paul's Anglican Church, eThekwini, kusasa kusukela ngo-9.30 ekuseni.
Sekuzothi ngoDisemba 26, abazobe bengenayo ibhabhalazi bengakhathaziwe yizibiliboco, bayovukela emcimbini waminyaka yonke weJazz eHazelmere Dam.
Inkakha yomculi eyaduma ngenoni elalithi Burn Out nelithi Shikisha, uSipho "Hotstix" Mabuse, ithembisa lukhulu kwi-21st Durban Jazz Festival: The Ultimate Music Experience eseHazelmere Dam, eVerulam, ngoDisemba 26 kusukela ngo-10 ekuseni. UHotstix uthe kulokhu uzobe ethi Ntyilo Ntyilo, okuyingoma eyadunyiswa kakhulu nguMiriam Makeba.
"Ngizobe ngikhona ngezinkani eHazelmere Dam ngoDisemba 26. Ngizotheleka nebhendi yami ephelele. ITheku lizobe livutha bhe. Sizobe sizijabulisa ngempela," kusho lo mculi obuye waduma ngeJive Soweto, Thaba Bosiu, Rise, Let's Get It On, Breakdance neRumba Mama.
UHotstix uthe kuyisibusiso kuye ukukwazi ukuqhubeka nokunandisa esteji
"Ngihlale ngizama ukuhambisana nezikhathi. Noma kunjalo ngiyazi abantu bengaphonsa izinto esteji uma ngiphuma ngingayiculanga iBurn Out. Abantu bengabhikisha bethi 'bekungesiye.' Ukhona umculo omusha engizowuqhulula ebengilokhu ngiwusebenza. Abantu abafike ngobuningi babo ukuzozwa ukuthi ngibaphatheleni," kuphetha uHotstix.