ITHI ingabankulu ingabe isazekeka kushiya omunye umsakazi weGagasi FM.
Indaba enkulu yokuzamazama komkhumbi eGagasini ivele ngentokazi esencane uPenny Ntuli. Isolezwe labika ngokuhlukana kwakhe nalo msakazo ngenxa yokungavumelani ngezinto ezithile.
Yize uKhulekani Shandu okhulumela lesi siteshi engafunanga ukuphawula ngalokhu ethi sekuseduze kumenyezelwe uhlu olusha lwabasebenzi nezinhlelo zonyaka omusha.
Indaba kaPenny izungeze izinkundla zokuxhumana kwaze kwaba wukuthi ngoMsombuluko uphumela obala ngesimo sakhe.
“Bese kuyisikhathi sokuvuselelwa kwezinkontileka futhi nami nganikwa ithuba lokuthi ngibuye.
“Ngivumile ngaphambi kokutshelwa ukuthi ngizohola uR2 800 ngenyanga. Yinto engahlukile kakhulu kunebengikuhola eminyakeni emibili edlule,” kusho uPenny.
Lo mbhalo kaPenny uvuse ulaka kubantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana besola lo msakazo ngokumxhaphaza.
DUNCAN SA; Ungakhathazeki maPeniza ngizovula iSKUVA NATION FM ngizokuqasha ushaye noNTABA YASE DUBAI ibreakfastShow😅🤞🏾 Ngyadlala sis wam kuzolunga ungapheli umoya 🙏 ukuvaleka kweminye iminyango ukuvuleka kweminye ❤️🙏
Zekani Shangase-Ushuni Wetshudeni: Ngaze ngacasuka Mani yazi kunabantu abaxhaphaza ikhono labanye abantu ngoba besemandleni, ngelinye ilanga ayophela amahlathi okuxhaphaza umuntu omnyama nawe unebala elimnyama, kunabantu abadinga imvubu nje batalajwe nje kuze bezozibona ukuthi abahlakaniphile bodwa 👉👉
Kuthe kusabhekwe indaba kaPenny, ngoLwesibili, izwe lonke lavuka ngezindaba ezithi uKhaya Dladla obesehlale iminyaka eyisithupha nalo msakazo naye usethi khumu.
UKhaya uveza lezi zindaba nje sekusele usuku, lo msakazo wenze isimemezelo ngezinhlelo zonyaka omusha. Iningi labantu belinethemba lokuthi konke ukudideka kuzocaca ngoLwesithathu ntambama uma sekuthulwa uhlelo olusha, kodwa sekunendida entsha njengoba sekuvela omunye umsakazi naye osebeka pansi ijoka.
Kulokhu intandokazi yabaniningi engusomahlaya uFlymotion Makhanya unikele ezinkundleni zokuxhumana evalelisa kulesi siteshi.
Le nsizwa kaMakhanya ithi ishiya lesi siteshi ngoba ubona singalisebenzisi ngendlela ithalente lakhe.
“Isinqumo sami sokushiya kube ngemuva kokubona ukuthi lo msakazo awulisebenzisi ngokugcwele ikhono lami futhi uneqembu elisha abafuna ukudlala nalo. Impilo iyaqhubeka futhi sithandazela ukukhula okwengeziwe. Kubo bonke abangani emsakazweni kanye nalabo engisebenze nabo abaphenduke izitha futhi benza ukuhlala kwami kwaba nzima, kwadabukisa, ngifisa sengathi niqaphela ukuthi ukwamukela abanye abantu akukususi ukukhanya kwakho.
Konke lokhu kwenze abantu bakhathazeka ngesimo samaholo emisakazweni eyahlukene kuleli. Abanye babuze uDJ Warras owayesebenza kulo msakazo ukuthi yena wayeholelwa kanjani. Impendulo kaWarras idide abaningi abasale bekhexile ngemuva kokuzwelana nalesi siteshi ngokuthi mhlawumbe imali ayibonwa yingakho noPenny ezothola uR2800 ngenyanga ngohlelo lwakhe lwangeSonto kuphela.
UWarras uveze ukuthi yena ubethola uR2800 ngehora ohlelweni abelwenza ntambama phakathi kuka-3-6 kusukela ngoMsombuluko kuze kube nguLwesihlanu.
R2800 per hour Bafo. 🙏![CDATA[]]>🏼 https://t.co/9lzw90il80
— Warras (@Shady_Lurker) March 25, 2024