UKUHLANGANISA imisindo ehlukene ezingomeni eziningi azididiyele kwi-albhamu ethi The Rebellion, ngenye yezinto akholwa wukuthi izokwenza ithakaselwe ngabantu abathanda umculo owehlukene, hhayi abeGqom’ kuphela.
Lowo nguDJ nophrojusa, uDJ Lag okhiphe le albhamu enezingoma eziwu-13 ngoJune 26, yelama eyokuqala yegqom yango-2022 ethi Meeting With The King.
Engxoxweni neSolezwe, uDJ Lag ogama lakhe lokuzalwa nguLwazi Gwala, waseClermont, uthe manje yisikhathi sokuthi abantu bezwe isandla esihlukile seza nakho ngomculo.
“Yingakho nesihloko sayo sithi The Rebellion, ngisusela egameni elithi rebelious, ukuzama ukuchaza ukuthi ngiyididiyele ngendlela ebengibona ifanele nengikholwa wukuthi izobajabulisa kakhulu abalandeli bomculo wami,” kuchaza uDJ Lag.
Uthe uqale ukusebenza kule albhamu ngonyaka odlule kanti ugabe ngezingoma ezithi Hade Boss ayishaya noK.C Driller noMr Nation Things, i-Yebo ayishaya noThobeka ne-Iza Ngamandla, andlalele ngayo ayishaya noSykes noVanco.
Ephetha, uDJ Lag wodumo lwengoma ethi Ice Drop yango-2016, uveze ukuthi ngenyanga ezayo uzoqala umzungezo wemicimbi yakhe yaphesheya kwezilwandle, ozoqala eChina, Japan naseSouth Korea. Ngo-Okthoba uzoya e-USA, bese ngoNovemba eyivala e-Europe.