OWAYENGUGALAGALA lomsakazi nesikhulu seziteshi zaKwaZulu-Natal, uPatrick Bogatsu, uchazwe njengomuntu obengancethezi futhi obengayi le nale.
UBra Pat udlule emhlabeni ekwakhe eTsakane, eBrakpan, ngeSonto ngenxa yokuhluleka kwezinso. Indodana yakhe, uBoikanyo Bogatsu, icashunwe ithi uyise ubenesifo sikashukela.
Ongumphathisiteshi kwiVuma FM, uPearl Sokhulu, uthe uBra Pat ubewuhlonipha kakhulu umsebenzi abephathiswe wona okuyinto ebibuye imenze abe nyamanambana kwabanye ozakwabo abangosikhwiliphambananobhoko.
”Kuye bekuya ngokuthi uwulandelile yini umthetho noma cha. Ubekwenza kucace lokhu. Ngicabanga ukuthi kunabantu ebebengakuthandi lokho. Ubesuke ekwakha ngaleso sikhathi."
UBra Pat udlule emhlabeni esezogubha ukuqeda iminyaka ewu-70 azalwa njengoba abona ilanga ngo-Ephreli 30, 1954.
Umufi uqale ukusakaza esiteshini saseNorth West, iRadio Bop, kusukela ngo-1985 emuva kokuba nguthisha. Wasuka lapho wasakazela iMetro FM ngaphambi kokujoyina iGagasi FM, iVuma 103 neRise FM yaseMpumalanga.
IGagasi FM likhiphe isitatimende lithi uBra Pat waqala khona ewumphathi wezinhlelo ngaphambi kokushiya khona eseyi-Operations Manager.
"Njengoba sigubha iminyaka ewu-18 kwasungulwa iGagasi, uBogatsu uyingxenye yalolo hambo." IGagasi libonge kakhulu iqhaza elibanjwe wumufi empumelelweni nasekukhuleni kwalo.
NeRise FM ayisalanga ngaphandle kwababhonge emswanini ngokuguqa kwaleli qhawe.
Ngesitatimende esisabalaliswe ezinkundleni zokuxhumana, iRise FM ithe uBra Pat ubewumphathisiteshi kusukela ngo-Okthoba 2019 kuya kuMashi 31, 2022.
Ithe yize kwakunezinselelo kodwa uBra Pat uyibekile induku ebandla futhi washiya umsizilo.
Umufi, oshiye emhlabeni izingane eziyisikhombisa, uzofihlwa ngoMgqibelo emathuneni aseBrakpan emuva kwenkonzo ezokuba se-United Reformed Church eTsakane phakathi kuka-8 no-11 ekuseni.