UKUBEKEZELA, ukubeka phambili umsebenzi wobuciko nokuhlale ewuthuthukisa, kugcine kuthela izithelo kumbhali wezincwadi uKwandile Hadebe, okusanda kuzwakala umdlalo wakhe womoya emsakazweni Ukhozi FM.
Exoxa neSolezwe ngaleli thuba, uKwandile waseMlaza, eNingizimu yeTheku futhi onenkampani eshicilela izincwadi iWothi Thothi Media, uthe ukukhula elalela Ukhozi FM kwenze ukuthi ngenkathi esengena emkhakheni wokubhala izincwadi, wafisa ukuthi ngelinye ilanga umsebenzi wakhe ufike kuleli zinga osukulona manje.
“Yingakho kuthe sengibona ukuthi umsebenzi wami ususezingeni engilethembayo, nganquma ukuthumela umdlalo oKhozini umdlalo wami womoya engikade ngawubhala, ngenhlanhla bawamukela ngoba uqale ukuzwakala emoyeni kusukela ngoLwesine olwedlule,” kulandisa uKwandile.
Eqhuba, uthe ngokujwayelekile kuthunyelwa iziqephu eziyishumi zomdlalo womoya kwabophiko lwemidlalo, bese uyalandelela ukuthi bawutholile yini, okuthi uma sebewutholile bakuphendule ukuthi bayamukela noma cha, bakunike nezizathu uma uchithwa.
“Ukwamukelwa kwawo ngokushesha kwenze ngabona ukuthi bese kuyisikhathi sami manje futhi ngethemba ukuthi leli thuba lizongisiza ukuvula amanye amathuba angcono ngoba ngifisa nokugcina ngingenisa emidlalweni yethelevishini,” usho kanje.
Uthe lo mdlalo osihloko sithi Inhliziyo Yenyoka uneziqephu eziwu-44, kanti indikimba yawo izofundisa abantu ngobungozi bokuba nomona, impakamo nokugcina izimfihlo emndenini.
Ngaphandle kwalokho, uKwandile unezincwadi ezine zesiZulu ezithi Ikhwezi yango-2020, Uswazi ngo-2021, Ibala Legolide nethi Umyeni Wami Ungumalugaju, zombili azikhipha ngo-2022.