Ukubhadlaza esidlangalaleni kukaPenny Ntuli imininingwane yenkontileka yakhe neGagasi FM kuzomphendula umgodi onganukwanja.
Lona ngumbono wezazi zezemisakazo ezikhulume naleli phephandaba ngokwahlukana emuva kokuthi lo msakazi ngoMsombuluko, efake isitatimende ne-video ezinkundleni zokuxhumana lapho eveze khona ukuthi ubezonikwa uhlelo olungena ngo-1 kuya ku-4 ezintatha ngeSonto. Unameke nenkontileka eqinisekisa lokhu.
Iveze ukuthi ubezohola uR711.98 ngohlelo nobekwenza imali elinganiselwa kuR2 800 ngenyanga.
Owayengumphathi weMetro FM nosekwiVOW FM, uMartin Vilakazi, uthe ayikho imali ebekiwe emsakazweni ukuthi kuholwa malini.
"Kucishe kufane nasemculweni ngoba uhweba ngethalente lakho. Kubalulekile ukuba sazi ukuthi isiteshi esifana neGagasi FM senza inzuzo - yibhizinisi. Kuyo yonke into abayenzayo kubhekwa ukuthi iyangena yini imali. Indlela umsakazi afaka ngayo isandla wukuthi afeze inhloso yokunyusa izibalo zabalaleli nokwenza inzuzo," kusho uMartin.
Uthe izinhlelo zasebusuku azinazo izikhangiso futhi zisebenza njengezokukhulisa ukuzethemba komsakazi nabalandeli.
"Akukho ukuthi wonke umsakazi uzothola imali efanayo. E-SABC ngisasebenza khona wawuhola ngehora abanye ngenyanga. NgokukaHlaudi (Motsoaneng, owayeyisikhulu esiphezulu) kwaba nemali ekaliwe ngokwamazinga abasakazi. Wawukwazi ukuthi noma usebenza ebusuku noma ngempelasonto uthole imali efanayo ngokwezinga lakho. Babeba nemali ekaliwe kunaleyo yehora."
Uqhube wathi: "Abantu abafana noRobert Marawa noma uNongcebo McKenzie banamandla okuba nezingxoxo zangempela ngamaholo. Kumele wenze abaphathi baqonde ukuthi uza nani kusuka kubalaleli, imali ezongena kanjalo nokukhulisa igama lesiteshi."
Uthe inhlonipho ibalulekile ngoba ngezinye zezinto ezibhekwayo ukuze ukhule emsakazweni neholo.
"Ingabe uyahlala yini nomphathi wakho ukuze akunike amathiphu okwenza uhlelo lwakho nawe ube ngcono. Uyakwemukela yini ukugxekwa ngokwakhayo futhi awufiki yini udakwe utshwala. Ngokwami bengingacela ukuhola mhlawumbe u-R500 noma u-R700 ngehora ngohlelo lwasebusuku. Ungakwazi futhi nokucela imali ekaliwe usale no-R10 000 ngemuva kokukhokha intela. Mhlawumbe kukhona abengakwenzi kahle. Uzinyusile yini izibalo zabalaleli, indlela aziphethe ngayo ibinjani? Akekho ofuna ipigogo lomsakazi."
Uthe isenzo sakhe sokubhala ezinkundleni zokuxhumana singenza abanye abaphathi basabe ukumqasha.
"Isihlahla asinyelwa. Kumele bazi ukuthi yibhizinisi leli."
Omunye onamava kwezokusakaza njengoba ake aba wumsakazi ngaphambi kokuba wumphathi wesiteshi esenza inzuzo, ocele ukungavezwa igama, naye uthe kube wubudedengu ukuthi uPenny abhadlaze esidlangalaleni izingxoxo ngenkontileka yakhe.
"Noma ngabe ucasuke kangakanani kungcono uvele uphume uhambe uthule. Uma ngibone lowo mbhalo futhi ngidinga umsakazi ngingacabangisisa ngaphambi kokumqasha. Ingabe yilona hlobo lomuntu okumele ngibhekane nalo zonke izinsuku? Yinto okumele siyifundise abasakazi bethu."
Uthe naye akakhumbuli ehola leyo mali kodwa uma uqashwa kubheka izinto eziningi.
"Kukhona engamqasha engenawo amava okusakaza kodwa ngangibheke eza nakho ngoba wayengimakethela isiteshi. Baningi abasilalela ngenxa yakhe. Akubhekwa kuphela okwenza emoyeni kodwa nokuthembeka, ukuziphatha nokuthi uyakwazi yini ukukhuluma ngqo nabantu esiteshini noma uhlelo olukhuluma nabo.
“Isiteshi kumele sibone ukuthi uma ungekho kukhona okushodayo. Siyakwazi ukukuthinta uma kukhona ongekho. Abanye kungenzeka bengathembeki, umuntu asho kusele imizuzu engu-30 kuqale uhlelo ukuthi akezi kanti uyazi ukuthi ubedakiwe ngayizolo.
Khonamanjalo: UKhaya Dladla noFlymotion bamemezele ukuthi bayashiya kwiGagasi ekupheleni kwenyanga.