BADELE imvula bezitika ngomculo kwiDurban Jazz Festival ebiseHazelmere Dam, eVerulam, ngoDisemba 26.
Yize belilokhu liyishaya libuye linqamuke kodwa abantu bafikile ukuzozitika ngomculo. Amatende ajwayelekile abathandi bomculo weJazz abegcwele phama.
Nabaculi bafike bangazibeka phansi njengoba iningi labo belidedela izingoma ezithandwa ngabantu abebegcina sebezicula nabo. Bakhona abanye abaculi abangabonakalanga kule festival yaminyaka kodwa abebekhona benze umcimbi waba mnandi obekwenza kunganakeki ukuthi kukhona ongabonakalile.
Kulo nyaka iDurban Jazz Festival igubha iminyaka engu-21 yasungulwa. Umgubho wayo uhlukaniswe kabili njengoba kuqale i-festival ebiseHazelmere Dam, okuyindawo ejwayele ukuba kuyona, kwaphinda kwaba neGala Dinner ebise-ICC, eThekwini, nakuyona obekukhona abaculi abebenandisa kuyona.
Phakathi kwabaculi abahlanyise izihlwele kwi-festival singabala oRingo Madlingozi, Zawadi Yamungu, Langa Mavuso, Sipho “Hotstix” Mabuse, Lwah Ndlunkulu, Brenda Mtambo, Mafikizolo nabanye.
Izithombe: SIBONELO NGCOBO / INDEPENDENT MEDIA