U-ARTHUR Zwane ongumqeqeshi waMaZulu, usebanqumele ugwayi katiki abadlali baleli qembu ngokulikhipha obhukwini akholwa wukuthi banesanda ekulifakeni kulo.
ABADLALI baMaZulu FC banqulelwe ugwayi katiki ngumqeqeshi wabo u-Arthur Zwane, ngokukhipha iqembu obhukwini abanesandla ekungeneni kwalo kulona njengoba bezobhekana neRichards Bay FC koweBetway Premiership kusasa ngo-7.30 ebusuku, eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
UZwane ukusho lokhu izolo, ngesikhathi leli qembu lizicijela ukubhekana neRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership ozoba seKing Zwelithini Stadium eMlaza, kusasa ngo-7.30 ebusuku.
USuthu alwenzi kahle kwiligi kulezi zinsuku okufakazelwa ukungayazi kwalo iwini emidlalweni emine edlule.
Ludlale ngokulingana kowodwa, lwakhala ngaphansi kwemithathu.
Yize kunjalo, kodwa iqembu likaZwane lisabambelele endaweni yesikhombisa kwi-log yePremiership ngamaphuzu angu-30 emidlalweni yeligi engu-24.
“Ngaphandle kokuthi lona wumdlalo wesigaba esikhulu sebhola laseNingizimu Afrika, sibhekene nabakhaya abazofika kithina benelukuluku kwazise nabo basuka endukwini,” kusho uZwane.
“Awumkhulu kangako umsebenzi wami ngaphandle kokukhumbuza abadlali ukuthi imiphumela yakamuva siyithole kukhona bona enkundleni, ngakho-ke kuzoba yibona futhi abakhipha iqembu obhukwini elibhukuda kulona. Lokhu kuzoqala ngomdlalo weBay.
“Amaphutha ambalwa adaleka kubadlali abathile basemuva yiwona agcina esebehlisela nangokuzethemba. Kusobala nokuthi isibalo samagoli esiwashayayo kufanele sikhule uma sizimisele ngokuqinisa indawo yethu kwi-Top 8 ngoba uma siqhubeka ngale ndlela kuzosibhedela.
“Ngeke kubelula kodwa sinalo ithuba namava okulungisa amaphutha ethu akamuva ngomdlalo weBay. Lokhu akukhona ukuyibukela phansi kepha ngibuswa ulwazi lokungenziwa ngabadlali bami uma bezinikele ngokugcwele.
“Okusobala wukuthi siyazi ukuthi iBay ngeke isincenge kwazise ayimile kahle kwi-log. Izofuna ukuvuka ngathi njengoba isuka emphumeleni ongemuhle kodlule,” kuqhuba yena.
Akuzibeki nokho ukuthi kusukela Usuthu lwashiywa nguVusi Vilakazi owayesebenza ngokubambisana noZwane, lusaphumelele ukuwaqoqa egcwele kowodwa kuphela.
Nalapho belubhekene neCape Town City ebalwa namaqembu adonsa kanzima kulezi zinsuku. Kodlule lukhale ngaphansi kwiChippa United e-East London.