KUNGASE kuvuleke ithuba lokuzidayisa emaqenjini aseNingizimu Afrika kumgadli wakuleli, uPercy Tau, ozofika ne-Al Ahly yase-Egypt ezobhekana ne-Orlando Pirates emdlalweni ka-Group C weCaf Champions League e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
IPirates eqale isigaba samaqoqo ngewini encomekayo ekuhambeni ngokushayela ekhaya i-CR Belouizdad yase-Algeria, izokwamukela lezi zikhonndlakhondla zezwekazi kowesibili ngoMgqibelo e-Orlando Stadium.
UTau (30) osesezinyangeni zakhe zokugcina eziyisithuba enkontilekeni yakhe ne-Ahly, akubukeki ezovuselela kuma-Red Devils. Lokhu kuvulela amaqembu aseMzansi ithuba lokumthola bhusende.
Kusukela kuqale isizini edlule sekubikwe kaningi ukuthi uTau akaboni ngaso linye naleli qembu kangangokuthi selike lasikaza ukumdayisa.
Nakuba ebekufihla ukuthi akahleli kahle kwi-Al Ahly kodwa umqeqeshi weBafana, uHugo Broos, ubelokhu ekuveze njalo uma ethola ithuba ukuthi lo mdlali akahleli kahle e-Egypt.
Kumasizini amabili nohhafu adlule uTau uthwele kanzima eCairo okufakazelwa ukuthi usadlale kweyeligi engu-10 nakweyeChampions League eyisibalo esifanayo.
Kulesi sikhathi uTau ushaye amagoli amabili kuphela nakhona kwiChampions League.
Ukudlala kahle kukaTau njengoba enza ngonyaka odlule lapho ashaya khona igoli ebhekene neMamelodi Sundowns kungase kumvulele amathuba kwiPremier Soccer League (PSL). Yona iSundowns ingambuyisa kanjalo nezitha zangoMgqibelo, iPirates inaso isikhala sakhe.
IKaizer Chiefs aseke wamataniswa nayo, kufanele ingaliyeki ithuba lokumsayinisa uma livela kwazise uzotholakala bhusende.
Ngeledlule ngesikhathi iPirates iwina ngo 2-1 kwiCR Belouizdad yase-Algeria, igoli lokubika laleli qembu lasenhla ne-Afrika lashaywa nguKhanyisa Mayo wakuleli. Uma uTau engashaya igoli kowePirates uzobe engaqali ukushaya inethi uma ebhekene neqembu laseMzansi. Nyakenye, ushaye igoli ngesikhathi i-Ahly ixetshulwa yiSundowns ngo 5-2 koweChampions League.
Ephawula ngomdlalo ne-Ahly, umqeqeshi wePirates uJose Riveiro, uthe bazoyihlonipha kodwa bayazi ukuthi bangayehlula.
“Umphumela weStellenbosch usiphazamisile kodwa bekungelona vele uhlelo ukuhlala esicongweni ngaso sonke isikhathi,” kusho yena.
“Siseyingxenye yombango wesicoco seBetway Premiership yize siphazamisekile.
“Siyazi ukuthi i-Al Ahly iyona ethishwe ukuthi iwine ngenxa yerekhodi layo kweyase-Afrika kodwa nathi sizimisele ngokungahlulwa e-Orlando,” kusho uRiveiro.
Ngaphandle kwePirates ezoyibamba koweCaf ngempelasonto, iMamelodi Sundowns izovakashela i-AS FAR yaseMorocco emdlalweni weChampions League ozoba ngoMgqibelo eStade El Abdi ngo-9 ebusuku. IStellenbosch izokwamukela iRS Berkane yaseMorocco koweConfederation Cup eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngeSonto ngo-3 ntambama.