XOLILE MPISANE
UFUNA liqhubeke nokuthuthuka iqembu ukaputeni wamaBhokobhoko, uSiya Kolisi, nakuba ehlabeke umxhwele ngendlela elilwe ngayo linqoba i-England ngo 29-20 eTwickenham Stadium, eLondon, ngoMgqibelo.
Bekungokokuqala la maqembu ebhekana selokhu elakuleli lakhipha i-England ngo 16-15 kowandulela owamanqamu eNdebeni yomhlaba ngo-Okthoba, nyakenye.
Nakulo mdlalo i-England igadle kuqala ishaya i-try umdlalo usanda kuqala kodwa kulokhu amaBhokobhoko asheshe aphaphama, abuyisa izinduku ngama-try ashaywe nguGrant Williams, Pieter-Steph du Toit noCheslin Kolbe, kwayiwa ekhefini esehamba phambili ngo 19-17.
Kube nzima kuwona womabili amaqembu ukuthola amaphuzu esiwombeni sesibili kodwa elakuleli likwazile ukunweba igebe nge-try yesibili kaKolbe, lagcina linqobe ngamaphuzu ayisikhombisa.
“Besazi ukuthi i-England izoza ngamandla njengoba bekuwumdlalo wamagqubu futhi isanda kuhlulwa kabuhlungu emidlalweni emibili yakamuva. Asiqalanga ngendlela ebesifuna ukuqala ngayo kodwa ngijabule ngoba silwe umdlalo waze wayophela,” kusho uKolisi.
“Siwenzile amaphutha futhi asiziqhenyi ngalokho. Ngiyayincoma i-England ngokusifaka ngaphansi kwengcindezi. Kunzima ukuba kulesi simo abakusona sokulahlekelwa yimidlalo ngamaphuzu amancane, nathi sake sadlula kusona.
“Siyazama ukuthola indlela yokunqoba imidlalo noma kunzima. Izinto ngeke zihlezi zenzeka ngendlela esifisa ngayo kodwa kusemqoka ukuqonda ukuthi ziningi izindlela zokunqoba umdlalo. Asitatazeli ngoba siyazi ukuthi sinenqwaba yabaholi nabadlali abakwaziyo ukwenza izinto ezikhethekile uma kudingeka.”
AmaBhokobhoko asebheke ukusonga lolu hambo lwaphesheya kanye nonyaka ngegiya eliphezulu uma esebhekene neWales eCardiff, ngoMgqibelo.
Iqembu lakuleli seliyinqobe kathathu kulandelalana iWales nokuhlanganisa owokungcwekela iNdebe yoMhlaba nyakenye, lapho ladlula khona ngo 52-16, noweQatar Airways Cup ngoJuni elawunqoba ngo 41-13.
Noma kunjalo uKolisi uthe: “Sinomdlalo wokugcina okufanele silwele ukuwunqoba. Izinga lokuzethemba liphezulu eqenjini kodwa siyazi ukuthi kusanenqwaba yamaphutha okufanele siwalungise. IWales ingelinye lamaqembu okuhlezi kunzima ukudlala nalo ngisho umphumela ungathini ekupheleni komdlalo.”
Kulo nyaka amaBhokobhoko asedlale imidlalo engu-12, anqoba engu-10, ahlulwa kwemibili. Aguqiswe yi-Ireland ngo 25-24 ekhaya ngoJulayi, aphinde ashaywa yi-Argentina ngo 29-28 ekuhambeni ngoSepthemba.