UNETHEMBA lokuthi iqembu lakhe lizomelana nengcindezi yokudlalela ekuhambeni emlenzeni wesibili we-quarterfinal yeCaf Confederation Cup neZamalek namuhla umqeqeshi weStellenbosch FC, uSteve Barker.
Lo mdlalo uzoqala ngo-6 ntambama eCairo International Stadium in Cairo, Egypt.
Ngesikhathi la maqembu ebhekene emlenzeni wokuqala eCape Town Stadium, ngoLwesithathu olwedlule, ayikho eyavuma ukugoba uphondo, umdlalo waphela zibambene ngo 0-0.
Yize iStellies ihlulekile ukubhakuzisa inethi ekhaya kodwa ukungagqobhoki kodonga lwayo kusho ukuthi ingazibeka endaweni engcono uma ingathola igoli ekuhambeni.
“Inhloso enkulu bekuwukuya eCairo sisenalo ithuba. Besingafuni ukulibangisa khona sekuvele kucacile ukuthi yiliphi iqembu elizodlula. Ngikholwa wukuthi ingcindezi isikwiZamalek ngoba asingenelwanga goli ekhaya thina,” kusho uBarker.
“Sidinga ukuzilungiselela kahle, ukuhlaziya izimbangi zethu nezinhlelo ezinhle zokwakha amathuba okushaya amagoli. Siwubheke ngabomvu umdlalo njengethuba lokuveza izinga lethu njengeqembu.
"Kusobala ukuthi umdlalo uzobe uhlukile ngoba emlenzeni wokuqala bebezibambile, bengahlaseli kakhulu. Bathembe ukuthi bazokhonya enkundleni yabo.
“Sesijwayele ukudlala imidlalo enzima ekuhambeni ngakho-ke akufanele sibuswe wuvalo. Kufanele sisebenzise umsindo ozobe ukhona ngendlela efanele, usinike amandla futhi usigcine siphapheme.”
Uma iStellies ikwazile ukudlula kwiZamalek, izobhekana neqembu elizonqoba phakathi kweSimba SC yaseTanzania ne-Al Masry yase-Egypt kowandulela owamanqamu.
I-Al Masry isethubeni elingcono lokudlula kwazise inqobe ngo 2-0 ekhaya emlenzeni wokuqala.
ISimba icijwa umqeqeshi wakuleli, uFadlu Davids, onethemba lokuthi ezakhe zisengazijika izinto enkundleni yazo iBenjamin Mkapa National Stadium, eDar es Salaam, namuhla ngo-3 ntambama.