UMQEQESHI wamaBhokobhoko, uRassie Erasmus, ubophele abadlali abahlukile eqenjini elizobhekana ne-England emdlalweni wesibili wohambo lwaphesheya eTwickenham Stadium, ngoMgqibelo ngo-7.40 ebusuku.
Lo mqeqeshi wenze izinguquko ezingu-12 kweliqale ngesikhathi amaBhokobhoko equmba phansi iScotland ngo 32-15 e-Edinburgh, ngeSonto ntambama.
Abadlali abaqale lo mdlalo abazophinde baqale nakowakusasa o-Eben Etzebeth, Ox Nche noBongi Mbonambi. Bonke abadlali basemuva abaqale koweScotland bashintshiwe.
U-Erasmus uthe bekuphoqa ukuthi benze lezi zinguquko ngenxa yesikhathi esincane phakathi kwale midlalo emibili. Lezi zinguquko nazo zifakazela ukuthi lo mqeqeshi uyakwazi ukubophela amaqembu ehlukene angamelana namaqembu aphezulu emhlabeni.
“Le midlalo isondelelene ngakho bekufanele sisebenzise ubuhlakani uma siqoka iqembu ngenxa yokuthi besinezinsuku eziyisithupha zokulungiselela umdlalo olandelalyo. Yilokho okuholele ekutheni senze izinguquko ezingu-12 eqenjini elizoqala umdlalo kodwa besilokhu silishintsha iqembu isizini yonke,” kusho u-Erasmus.
“Ngaphezu kwalokho, iningi lalaba badlali bazana kahle njengoba bedlale ndawonye kumasizini adlule, eNdebeni yoMhlaba, uchungechunge ne-Ireland neRugby Championship. Sijabule ngezinga leqembu esilikhethile.”
U-Erasmus ukhethe ukufaka abahlanu baphambili nabathathu basemuva kulo mdlalo ekubeni wayehlome ngabayisikhombisa baphambili koweScotland.
“I-England izosivivinya ngendlela ehlukile kuneScotland ngakho-ke sikhethe iqembu esicabanga ukuthi lizokwazi ukwenza esifuna ukukwenza. Ngenhlanhla sinabadlali abakwaziyo ukudlala ezindaweni ezehlukene, sibona ukuthi leli bhentshi lizokwazi ukuzivala zonke izikhala,” uqhube kanje u-Erasmus.
“Yize i-England ihluliwe emidlalweni yayo emibili yakamuva kodwa ayihlulwanga ngamaphuzu amaningi. Idlale kahle kuyona yomibili imidlalo ngakho siyayiqonda inselelo esizobhekana nayo.”
Lona kuzobe kuwumdlalo wokuqala phakathi kwalawa maqembu selokhu amaBhokobhoko ashaya i-England ngo 16-15 kowandulela owamanqamu eNdebeni yoMhlaba nyakenye.
Iqembu lamaBhokobhoko elizobhekana ne-England:
Abazoqala: 15 Aphelele Fassi, 14 Cheslin Kolbe, 13 Jesse Kriel, 12 Damian de Allende, 11 Kurt-Lee Arendse, 10 Manie Libbok, 9 Grant Williams, 8 Jasper Wiese, 7 Pieter-Steph du Toit, 6 Siya Kolisi (ukaputeni), 5 RG Snyman, 4 Eben Etzebeth, 3 Wilco Louw, 2 Bongi Mbonambi, 1 Ox Nche.
Abasebhentshini: 16 Malcolm Marx, 17 Gerhard Steenekamp, 18 Vincent Koch, 19 Elrigh Louw, 20 Kwagga Smith, 21 Cobus Reinach, 22 Handre Pollard, 23 Lukhanyo Am.