UKUQINA kwemithetho yeConfederation of African Football (Caf) ngezinkundla okudlalelwa kuzona imiqhudelwano yayo kufanele ukuba yisinengiso kwabaxhumene neStellenbosch FC osekuphenduke ibohlohlolo ukuzifaka kwayo emidlalweni yase-Afrika okokuqala emlandweni.
Kusukela kwavalwa inkundla iDanie Craven Stadium eseKapa ngo-Agasti, leli qembu eligile izimanga ngesizini edlule okulandelwe ukungena kwalo kwiConfederation Cup, alikaze liwudlalele ekhaya owase-Caf.
Eyezigaba zokuhlunga liyidlalele eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Le nkundla iyona futhi okuzodlalelwa kuyona ka-Group B ophakathi kweStellies neRS Berkane yaseMorocco ngeSonto ngo-3 ntambama.
Ngesikhathi abalandeli baleli qembu laseKapa bejabulela izimanga ezigilwe yiqembu labo elidle nesicoco seCarling Knockout lawina neDStv Diski Challenge (DDC), bebengazi ukuthi imihlomulo yalokhu izodliwa ngabalandeli bakanobhutshuzwayo baseThekwini namaphethelo.
“Okubuhlungu kakhulu ngokuqina kwemithetho elawula izimo zezinkundla okudlalelwa kuzona wukuthi kuncisha abantu baseStellenbosch ithuba lokudla izithelo zezithukuthuku zabadlali babo,” kwasho uSteve Barker ngenyanga edlule ngesikhathi ekhuluma neSolezwe Ngempelasonto ngalalu daba.
IStellenbosch ivule ngebatha kwayamaqoqo ka-Group B lapho ishaywe khona yiStade Malien yaseMali ngo 2-0 ngeledlule.
Lo mdlalo udlalwe ngesikhathi esisodwa noweBerkane enqobe ngo 2-0 kwiLunda Sul yase-Angola.
Akukho ukungabaza ukuthi iStellies izobhekana nobunzima kwiBerkane kwazise isiwudle amahlandla amabili lo mqhudelwano kumasizini amane adlule. Ngo-2022, iBerkane ishaye i-Orlando Pirates kowamanqamu ngo 5-4 sekukhahlelwa amaphenathi.
Okuhle ngezikaBarker ukuthi ziya kuwona zihambela phezulu kulandela ukuphula kwazo irekhodi lePirates lokungehlulwa kwiBetway Premiership ngesonto eledlule.