LIBHEKE ukuqhubeka likhuphuke kwi-log iqembu lesizwe labesilisa leSevens, amaBlitzbokke, ngemva kokunqoba isicoco sasekhaya ngeSonto, eKapa.
AmaBlitzbokke abe ngompetha beCape Town Sevens, ngesikhathi equmba phansi ompetha bama-Olympic, iFrance, ngo 26-14 kowamanqamu eDHL Stadium.
Bekungokokuqala iqembu liba ngompetha ekhaya selokhu lagcina ngesikhathi kudlalelwa okokuqala ngo-2015, eKapa.
Leli qembu eliphekwa nguPhilip Snyman, lisendaweni yesithathu kuWorld Sevens Series ngamaphuzu angu-30 ngemuva kwemiqhudelwano emibili eDubai, naseKapa. IFiji isesicongweni ngamaphuzu angu-36, kulandele iSpain ngamaphuzu angu-32.
Omunye wokaputeni beqembu, u-Impi Visser, uthe nakuba bejabule ngokuqeda ishobolo lokungawunqobi umqhudelwano wasekhaya iminyaka eminingi, bafuna ukusebenzisa lo mfutho emiqhudelwaneni ezayo.
“Bese kuphele iminyaka eyisishiyagalolunye sagcina ukunqoba ekhaya ngakho kuhle ukuthi siliqedile ishobolo, sajabulisa abalandeli bethu,” kusho uVisser.
“Besazi ukuthi sineqembu elikhethekile kodwa asifikanga ezingeni lethu eDubai. Abanye abafana abasha bangenile eqenjini bakhuphuka izinga kuleli sonto. Sisaqhubeka nokwakha iqembu futhi siyethemba ukuthi singenyukela endaweni yokuqala uma siqhubeka nokuzimisela.”
Umqeqeshi uSnyman wayesengumdlali ngesikhathi amaBlitzbokke egcina ukunqoba ngo-2015, eKapa. Naye ubashayele ihlombe abadlali ngokuvuka bazithathe ekubeni bengenzanga kahle kowokuvula eDubai.
“Kuyajabulisa kakhulu ukubona abadlali bejabulela ukunqoba indebe. Yibona abakhombie ubuqhawe kule mpelasonto. Bonke basebenze ngokuzikhandla futhi ngiyaziqhenya ngendlela abadlale ngayo,” kusho uSnyman.
“Abadlali bakwazile ukulandela izinhlelo zethu kulo mqhudelwano. Badlale kahle kakhulu impela. Sinqobele bonke abantu baseNingizimu Afrika futhi ngiyethemba ukuthi lokhu kuzoba yisiqalo sezinto ezinkulu.”
AmaBlitzbokke ayoze abuyele enkundleni ngonyaka ozayo uma eseyodlala umqhudelwano olandelayo kusukela ngoJanuwari 24, ePerth, e-Australia.