ICROATIA ithobe abalandeli bayo izinhliziyo ngokuzuza indondo yethusi ishaya iMorocco ngo 2-1 emdlalweni wokulwela indawo yesithathu koweNdebe yoMhlaba ka-2022 obudlalelwa eKhalifa International Stadium, eDoha, eQatar, ngoMgqibelo ntambama.
Womabili la maqembu abeye kulo mdlalo wokulwela ukuthola indondo yethusi ezikhotha amanxeba kulandela ukwehluleka kwawo wukufinyelelwa kowamanqamu eshaywa kweyandulela owamanqamu.
IMorocco ebisiphenduke ithemba lase-Afrika ishaywe yiFrance ngo 2-0, kwathi iCroatia yabhaxabulwa yi-Argentina ngo 3-0 komunye wowandulela owamanqamu.
ICroatia isheshe yacacisa ukuthi ayizelanga ukuzosinisa amahleza njengoba kuyiyona ebhakuzise inethi kuqala zibekwa ebhandeni ngegoli likaJosko Gvardiol ngomzuzu wesikhombisa umdlalo uqalile.
Nokho iMorocco isheshe yaphendula ngomzuzu ka-9 ngegoli elingqomfelwe phakathi wu-Achraf Dari kade kuyi-free kick.
Nokho iCroatia iphinde yabuya sezibheke ekhefini ngenkathi uMislav Orsic engqomfela phakathi ngekhanda igoli lesibili ngomzuzu ka-42 kade kuyi-free kick.
Ukuthola indondo yethusi kweCroatia kwiNdebe yoMhlaba nonyaka kusho ukuthi sekungokwesibili leli qembu lesizwe lithola indondo yethusi kulo mqhudelwano njengoba lenza okufanayo ngo-1998 okwakungunyaka walo wokuqala lidlala kulo mqhudelwano.
Lokhu kusho ukuqhubeka kokwenza kangcono kwaleli zwe koweNdebe yoMhlaba njengoba kweyango-2018 lafinyelela kowamanqamu okokuqala.
Kukaputeni nenjini yasesiswini yaleli qembu, uLuka Modric (37), kubukeka sekuyiNdebe yoMhlaba yokugcina kuyena.
Ngasohlangothini lweMorocco eqophe umlando ngokuba yiqembu lokuqala lase-Afrika ukufinyelela kowandulela owamanqamu, lokhu kusho ukubuyela emuva ekhaya iyozinuka amakhwapha ilungise lapho okungahamba kahle khona, yize idlale kangcono kakhulu kulo mqhudelwano kunobekulindelekile.
Okuqaphelekile kuleli qembu lasenyakatho ye-Afrika elizakhele igama kulo mqhudelwano ngokuba nokhonkolo wodonga lwasemuva, wukungenelwa kwayo ngamagoli ngemizuzu yokuqala yomdlalo emidlalweni yalo yokugcina, njengoba kwenzeke esifanayo nasemdlalweni wayo neFrance owandulela owamanqamu idedela igoli zisuka nje.