UHLONZE ukusayiniswa kwezinkuni ezomile zabadlali njengembangela yokungenzi kahle kwamaqembu aKwaZulu-Natal kwiDStv Premiership, uSiyanda Zwane ozakhele udumo kwiLamontville Golden Arrows nakwiMamelodi Sundowns.
Ngesikhathi kuqala isizini ka-2022/23 kwaba injabulo yodwa kwabakulesi sifundazwe ngenxa yokuba namaqembu amahlanu esigabeni esikhulu. Kwakwenyuke iRichards Bay eyajoyina AmaZulu, Arrows, Maritzburg United neRoyal AM.
Iningi lalijatshuliswa ukuthi uphelile umkhokha wezembe elijwayele ukugadla kwawaKwaZulu-Natal. Le njabulo ayiqhubanga isikhathi eside njengoba ekupheleni kwaleyo sizini izembe laqala phansi ukugadla, lidla iMaritzburg eyayicijwa uFadlu Davids osanda kuthola iziqu ze-Uefa Pro Licence. Ukhondolo lukungenzi kahle luqhubekile nakweka-2023/24. Kunesikhathi lapho ngasekupheleni kwayo, AmaZulu, iRoyal AM neBay beke balandelana ngasemsileni.
Kuyimanje iBay idlala amaPSL Promotional Playoffs ngenhloso yokubuyela kwiDStv Premiership. Iqede kweka-15. IRoyal AM igcine iqede kweka-13, uSuthu kwekai-11, Abafana Bes'thende basonga kweyesishiyagalolunye.
Lokhu kusho ukuthi isizini yesibili le lingekho iqembu lakulesi sifundazwe emaqenjini ayisishiyagalombili aqede ephezulu.
UZwane owadlala nakwiBafana Bafana, uveze ukukhathazeka kwakhe ngobuvila bamaqembu bokufuna abadlali ezindaweni zasemakhaya.
Uqhube wathi kubheda kanjena nje, yingoba athatha izindlela ezinqamulelayo. Uwaxayise ngokuthi uma ezoqhubeka ngale ndlela kuzogcina kungekho neqembu elilodwa lakulesi sindazwe elidlala kwiDStv Premiership.
"Esikhundleni sokugcwala izinkalo kuthungathwe ikhono, amaqembu ethu amatasa nokusayinisa abadlali abaxoshwe ngawaseGoli. Laba badlali beza esifundazweni bengasayilambele impumelelo. Uke ubone nje ukuthi ukuza lapha bakuthatha njengokwehlelwa izinga. Basuke sebezokwenza imali yokugcina. Akukuhle ukubona amaqembu akithi ebophele umdlali oyedwa wakulesi sifundazwe, kugcwale abangaphandle. Uma singalungiswa lesi simo sizozithola sikolukhulu ubishi," kubeka uZwane, owayeyibamba emuva ohlangothini lwesokudla.
Uqhube wathi izinhloli zamaqembu aKwaZulu-Natal azingakushalazeli ukuhambela imiqhudelwano yasemakhaya.
"Isibonelo, thina noSiyabonga Sangweni, Siyabonga Nkosi nabanye esisuka emakhaya, sihambe ibanga elide ebholeni ngoba besiyilambele impumelelo. Lokhu bekuwasiza amaqembu ethu. Besizimisela ngoba besazi ukuthi sifunani.“
Lo makadebona owadlala nakwiNathi Lions, Bidvest Wits nakwi-Ajax Cape Town, uphinde wasola abadlali bakulesi sifundazwe ngokungazimiseli.
"Laba bafana abayilambele impumelelo, bagcina icala nje. Abazihluphi ngokwenyusa izinga labo lokudlala. Balinda abaqeqeshi. Thina sasiphushwa nawukuthi siphuma emakhaya ahlwempu. Sasisaba ukuthi uma sixoshwa kuzolanjwa emakhaya. Laba bafana abafunde ukuziqeqesha ngabodwa, bazihluphe ngolwazi lwebhola lesimanje," kusho uZwane.