UMENGAMELI waMaZulu FC, uSandile Zungu, ukholwa wukuthi kusezandleni zamaqembu aKwaZulu-Natal ‘ukubuyisa ekhaya’ abalandeli bakulesi sifundazwe abalandela amaqembu akwezinye izifundazwe.
IKZN ngesinye sezifundazwe ezihamba phambili ngokweseka ibhola eNingizimu Afrika. Lokhu kufakazelwa yisibalo sabalandeli abahambela imidlalo ezinkundleni. Inhlangano eyengamele ibhola eMzansi, iSouth African Football Association (Safa), inqume ukuletha umdlalo weBafana Bafana neBenin eThekwini ngenxa yokugqoza kwabalandeli ababuka iqembu lesizwe eGauteng. IPremier Soccer League (PSL) isikwenze isiko ukuletha imidlalo yamanqamu eMoses Mabhida Stadium ngenxa yokuphuma ngobuningi kwabalandeli, kungakhathaleki ukuthi kudlala maphi amaqembu.
Nakuba iKZN inconywa ngokubuka imidlalo kodwa amaqembu akulesi sifundazwe, okungaMaZulu, Lamontville Golden Arrows, Richards Bay neRoyal AM, awazitholi izibalo ezitholwa yiKaizer Chiefs, Mamelodi Sundowns ne-Orlando Pirates eKZN. Empeleni izinkundla zembatha uma la maqembu edlala nalezi zinkunzi. Lokhu kungatolikwa ngokuthi iningi labalandeli baseKZN leseka amaqembu aseGauteng.
“Sinenkinga lapha KwaZulu-Natal. Uma ubuka ibhola laseNingizimu Afrika lesekwa kakhulu lapha KwaZulu-Natal. Bekunomdlalo weBafana Bafana ngeledlule. Uma ubuka abantu abebesenkundleni eMoses Mabhida, babadlula kakhulu abebese-Orlando Stadium naseFNB Stadium beyobuka iBafana emidlalweni eyedlule. Ngikholwa futhi wukuthi uma ungathatha iBafana Bafana uyise kwelinye idolobha, ngeke ixhaswe ngendlela eyesekwa ngayo KwaZulu-Natal. Namaqembu aseGoli athola ukuxhaswa okukhulu lapha KwaZulu-Natal ngoba abalandeli balapha bayazibophezela entweni abayenzayo. Ebholeni likanobhutshuzwayo bazinikele kulona,” kusho uZungu.
Indaba yabalandeli nokwesekwa kwamaqembu esifundazwe sekuneminyaka ikhulunywa. Abanye basola wona amaqembu ngokungayi ukuyozimaketha kubantu.
“Ingcabha isele nathi amaqembu aKwaZulu-Natal ukuthi senzenjani ukuthi abalandeli bathi sebeseka thina kunokulandela amaqembu akwezinye izifundazwe. Mina nginenkolelo yokuthi uma sesiwina izinkomishi...(bazobuya). Le nkomishi nje esizoyidlalela yeCarling Knockout siyayifuna thina Osuthwini. Akungabazeki lokho. Ngikholwa wukuthi igenge encane, uma ikhula yazi Usuthu luqukula izinkomishi, izofuna ukuzimatanisa neqembu eliwinayo,” kusho uZungu.
“Ngakho asingabadlinzeli abanabalandeli abaningi ngoba benza kahle. Mhlawumbe kukhona abakwenza kahle ekumaketheni. Kodwa mina nginenkolelo yokuthi nathi uma singawina imidlalo, siwine izinkomishi, sidlale umdlalo omnandi, abalandeli bazoza. Namanje ikhona imikhankaso esinayo lapha Osuthwini. Amanye amaqembu ngeke ngiwakhulumele. Thina lapha Osuthwini siyafuna ukuthi abalandeli basilandele.” AmaZulu azodlala neStellenbosch kowandulela owamanqamu weKO ngoDisemba 3, eMoses Mabhida Stadium. Ayegcine ngo-1992 ukuphakamisa indebe.