UKUPHATHA ngesandla sensimbi, uSipho Mbule, obewuhlupho phambilini, ilona kuphela ikhambi iMamelodi Sundowns ebona lizosebenza uma izimisele ngokuqinisekisa ukuthi abadlali bohlobo oluphambili njengaye, baba wusizo nakwiBafana Bafana.
UMbule (24) ungomunye wabadlali elingangatshazwa ithalente labo kodwa izinkinga zangaphandle kwenkundla zihlale njalo zimlandela.
Lo mdlali waseBethlehem, eFree State, ufike kwiSundowns ngoJuni nyakenye, esuka kwiSuperSport United ahambe kuyona kungasekuhle njengoba bese kunamahlebezi okuthi ugodla amandla ngoba engasafuni ukuba ingxenye yaMatsatsantsa a Pitori.
Kunesikhathi lapho uMbule eke wanekwa khona, uStan Matthews, oyisikhulu esiphezulu kwiSuperSport, kwabezindaba emsola ngokubuya emaholidini kaKhisimusi ezimuke ngokweqile.
NgokukaMatthews, uMbule lokhu ubekwenza ngamabomu ngoba engasazimisele ukudlala kubona ngoba kunamaqembu abemfuna.
Okucacayo ukuthi uMbule ufike kwiSundowns wathola uRhulani Mokwena, owumqeqeshi okusobala ukuthi uwumlandeli wale njini.
Nakuba engakabi qatha ngokwanele futhi kucacile ukuthi kusafanele ehlise isisindo, uMbule useyasithola isikimu kusukela uMokwena eqokwe njengenhloko yabaqeqeshi kwiSundowns.
Ngendlela angene wadlala kahle ngayo iSundowns inqoba kwiSuperSport ngoMsombuluko odlule, akufanele kumangaze uma ewuqala owakusasa weDStv Premiership neKaizer Chiefs, ngo-8 ebusuku, e-FNB Stadium, eSoweto.
“Uwuhlobo lomdlali olumangalisayo kangangokuthi ngeke umchaze ngokugcwele ukuthi iyona yiphi indawo angcono kuyona kunazo zonke maphakathi nenkundla,” kusho uMokwena esithangamini nabezindaba emuva kokunqoba eqenjini likaMbule elidala.
“Kusemqoka nokho ukusiqinisa kakhulu isandla kuyena ngoba abadlali abaphiwe uMdali njengaye ngokwethalente, bavamise ukulandelwa kumbe bagubuzelwe ifu elimnyama ngezindlela ezithile.
“Kuyingozi ukuba nethalente njengoMbule ngoba baningi abakuhamba ngemuva ngenhloso yokukuwisa kumbe bakususe esicongweni.
“Ngizimisele ukumnika lonke uthando aludingayo (uMbule) ngoba lokhu akusona isifiso seSundowns kuphela kepha abadlali abafana naye kufanele badlale ibhola elikhokhelayo ngaso sonke isikhathi.
“Uma kwenzeka lokho kusizakala iSundowns yebo, kodwa neqembu lesizwe liyahlomula okuyiyona into esiphupha ngayo sonke,” kuphetha uMokwena.
ISundowns izihola phambili kwi-log ngamaphuzu awu-43 kanti seyiqhube imidlalo ewu-11 ingehlulwa kwiligi.