USOLA iPremier Soccer League (PSL) ngokuqhubeka kokudayiswa kwamaqembu ngenxa yezinkinga zemali, uLefa Tsutsulupa owazakhela igama kwiMoroka Swallows.
Ngesikhathi le nkakha ikhuluma neSolezwe ithe ayithandi ukuphawula kuphela ngokudayiswa kweqembu layo elidala. Ithe uma iPSL ingangeneleli lo mkhuba usazoqhubeka.
UTshutsulupa uthe okubi ukuthi udicilela phansi impilo yabantu abafana nabadlali nabalandeli abebelandela iminyaka leli qembu eselidayisiwe.
NgoLwesine olwedlule, iMarumo Gallants iqinisekise ukuthenga isitifiketi seSwallows sokudlala kwiDStv Premiership, yamemezela ukuthi imidlalo yayo yasekhaya izoyidlalela eBloemfontein, eFree State. Abantu bakhona kade behlaselwe yindlala yebhola selokhu kwadayiswa iqemu labo, iBloemfontein Celtic esiyiRoyal AM.
UTsutsulupa owadlala iminyaka eyishumi kuzo, uthe kumele iPSL ihlole isimo semali uma iqembu linyukela esigabeni esikhulu.
"Le nkinga ayizogcina ngeSwallows, angikuthandi lokhu kudayiswa kwezitifiketi ngoba kushiya abantu abaningi bengondingasithebeni. Kuthiwa abayephi abadlali okudayiswa iqembu labo? Kuthiwani ngabalandeli obese kuphele iminyaka belilandela? Abasebenzi basemahhovisi nakweminye iminyango kwenzekalani ngabo. Lo mkhuba ubulala abantu abaningi," kubeka le nkakha eyadlala nakwiJomo Cosmos nakwiCeltic.
Iqhube yathi: "Uma iqembu linyukela esigabeni esikhulu, iPSL kumele ihlole isimo salo sezimali. Uma sibheda kumele lixhaswe ngendlela ethile. Adlala esigabeni esiphezulu kumele njalo ngonyaka kuhlolwe isimo sawo semali. Kubhekwe izinto ezifana nomthombo yawo wemali, ayisebenzisa kuphi nokuthi kanjani. Uma kungekho okwenziwayo ibhola lakuleli lizolahlekelwa isiko".
Ngesizini ka-202/23, iMarumo yadliwa izembe kwiPremiership, yehlikela kwiMotsepe Foundation Championship.
Kungokwesibili iMarumo ithenga isitifiketi sokudlala esigabeni esikhulu. Ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2021/22, yathenga eseTshakhuma Tsha Madzivhandila.Yona yayisithenge eseBidvest Wits.
ISwallows idayisa nje, kade sekuphele isikhathi eside kubikwa inkinga yenkece kuleli qembu elinomlando omude ebholeni lakuleli.