UMQEQESHI weCape Town City, u-Eric Tinkler ucacisa ngokubaluleka kukaLebogang ‘Lebza’ Manyama, ebhentshini leqembu elisanda kumqasha njengephini ngemuva kokuthi ezinyangeni ezedlule umemezele ukuthi usethi khumu, ekudlaleni ibhola.
UTinkler ubuzwe ngalokhu ngemva kokubonakala kukaManyama ekhombisa ukuba matasa ebhentshini ngesikhathi amaCitizens enqoba ngo 1-0 kwiKaizer Chiefs koweDStv Premiership ngoLwesibili, eFNB Stadium.
Ekupheleni kukaJuni nonyaka, uManyama umemezele ukuthi ngenxa yokuhlushwa ukulimala usewabeka emgibeni amakhokho, eneminyaka engu-33 ubudala.
Kusukela ededelwe iChiefs ekupheleni kwesizini ka-2021/2022, ubuyele kumaCitizens kodwa ugcine engadlalanga ngenxa yokulimala.
Leli qembu agqama kulona njengokaputeni ngesizini ka-2016/2017, limemezele uManyama njengephini elisha likaTinkler, maphakathi nenyanga edlule.
Ngesikhathi uKhanyiso Mayo eshaya igoli, uManyama ungomunye wabafike kuqala kuyena ezomjabulela kanti nakulaba abehleli nabo ebhentshini ubekhuluma nabo umdlalo uqala waze wayophela.
“Akazele ukuzoba umngani nabadlali kepha uzokwengeza ulwazi kwazise udlalile ngaphansi kwesandla sami okumbeka endaweni ekahle ukuqonda indlela esenza ngayo izinto,” kusho uTinkler kwabezindaba emuva komdlalo.
“Ngimthandiswa ukuthi usacabanga njengomdlali kodwa ungumholi ongahleki okuyinto engiqale ukuyiqaphela ngesikhathi esengukaputeni eminyakeni edlule.
“Uwusizo kimina ngoba akusewona umsebenzi wami ngedwa ukuqinisekisa ukuthi akekho ophuma emgqeni ngokuziphatha nangokuzinikela emsebenzini.
“Iqembu lihlabane ngokuningi ngesikhathi esewumdlali ngakho-ke bonke laba abeza emuva kwakhe abanalo ithuba lokungamlaleli kwazise izimanga ubezigila phambi kwabo ewinisa iqembu izicoco.
“Ngineme kakhulu ngokuba nomuntu ofana naye eceleni kwami ngoba nakubadlali abancane nguyena futhi ombona njalo ebanika isikhathi sakhe ebafundisa aphinde abancome lapho kufanele khona,” kuphetha uTinkler.
UManyama oke wadlalela i-Ajax Cape Town, Mpumalanga Black Aces neSuperSport United kuleli, usuke kwiCity wajoyina iKonyaspor yaseTurkey, ngaphambi kokubuyela eNingizimu Afrika, esezogqama kuMakhosi. Ngesonto eledlule usihlalo weCity, uJohn Comitis, utshele Isolezwe ukuthi bazimisele ngokumeseka uManyama ukuthi athole izicucu ezifanele zokuqeqesha.