ABADINGEKI abadlali abazithambisayo kowomlenze wesibili weCaf Champions League ophakathi kweMamelodi Sundowns ne-Esperance Sportive de Tunis ngokubona komqeqeshi wamaBrazilians, uMiguel Cardoso, owazi wonke amaqhinga aleli qembu laseTunisia okudina izitha.
ISundowns yehlule i-Esperance ngo 1-0 wegoli likaPeter Shalulile emdlalweni womlenze wokuqala we-quarterfinal yeCaf Champions League eLoftus Versfeld Stadium ePitoli, ngoLwesibili.
Enkulumeni kaCardoso, osuke kwi-Esperance ewine nayo isicoco seligi, kuhlale obala ukuthi uyalesaba leli qembu alichaze njengelizokwenza konke okusemandlaneni ukuguqula umphumela.
ISundowns izobhekana ne-Esperance kowomlenze wesibili ngoLwesibili ngo-9 ebusuku eStade Olympique Hammadi Agrebi, eTunisia.
“Ukuwina kwethu umlenze wokuqala kuzokwenza i-Esperance ingabi nawo uphawini wokuhlala emuva njengenjwayelo, ngakho-ke kumele sikulungele ukuthi siya empini,” kuqhuba uCardoso.
“Kunezikhathi lapho lingeke lidlalwe khona ibhola, ngakho-ke akufanele sihambe nabafana kulo mdlalo womlenze wesibili. Kumele siye kuwona nezinsizwa.
“Izinga esikulona kwiChampions League alisayidingi iminqolo, ngakho-ke sidinga ukhakhayi oluqinile kubadlali ukuze sifeze lokhu esikufisayo. Sekuseduze sifinyelele lapho sifuna ukufika khona kulo mqhudelwano kodwa manje sekuyisikhathi sokukhalipha ngoba amaqembu asele wonke anesipiliyoni sokudlala kwiChampions League."
Nakuba uCardoso ebengafuni ukwenaba ngobuthaka be-Esperance kodwa ukuchazile ukuthi iSundowns inethuba lokuhlabana nokuthi kufanele iqinise kuphi.
“Njengoba bezobe bebuswa wubumqoka bokulinganisa, thina kufanele sibacuphe ngoba ngiyazi bazokwenza amaphutha okulahla ibhola ngoba okuningi bazobe bekwenza bemagange.
“Amathuba eSundowns okushaya amagoli azoqhamuka noma yikanjani kulo mdlalo. Uhlelo lwethu luncike ekulahleni kwabo ibhola nasekuqinisekiseni ukuthi sibophele abadlali abade emuva ngoba bazothumela amabhola amade nahamba phezulu umdlalo uqala kuze kube uyaphela,” kugcizelela uCardoso.