IZINKINGA okubukeka sengathi zibhekene naMaZulu FC zingasuka kalula ezingqondweni zabantu inqobo nje uma leli qembu liqondanisa amabhawodi ambalwa emdlalweni walo weBetway Premiership neChippa United kusasa ngo-7.30 ebusuku eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Lawa amazwi asakuphaka impi ashiwo omunye wabaqeqeshi boSuthu, uVusimuzi Vilakazi, ngesikhathi ekhuluma nabezindaba abenesithangami nabo kulandela ukuguqa kwabo kwi-Orlando Pirates ngo 2-1 koweligi ngoLwesihlanu olwedlule.
Kusukela kuqale isizini, Usuthu selushaywe kuyona yonke imidlalo yeligi (emine) nowodwa weCaling Knockout.
Kuleyo midlalo, emibili yayo uVilakazi ubeseqalile ukusebenza nomlingani wakhe, u-Arthur Zwane, abathathe naye lo msebenzi kulandela ukuxoshwa, kukaPablo Franco Martin, owashaywa kweyokuqala emithathu yesizini.
Ngokusho kukaVilakazi, benoZwane bayaqonda ukuthi isimo ababhekene naso asisihle kodwa lokhu akubenzi baxegelwe amadolo ngoba akukubi njengoba imiphumela ikhomba.
“Siyakuqonda ukuthi kuzothatha isikhathi lokhu esizama ukukwenza kodwa ngesikhathi esifanayo siyalazi ibhizinisi esikulona ukuthi alinikani isikhathi,” kusho uVilakazi.
“Siyalijabulela igebe esizolithola singadlali emasontweni ezayo ngoba sizolisebenzisela ukuqondanisa okumbalwa okungaqondene ngendlela esifisa ngayo.
“Ngaphambi kwalokho sinethuba lokushintsha inhlanhla ngokuqoqa amaphuzu agcwele ekhaya neChippa ngaphambi kokuthola ikhefu. Okusobala kithina ukuthi amathuba siyawakha kodwa asiwasebenzisi. Okunye okungazibeki nokusemqoka ukuthi sisebenze kukona ukuvumela kalula ukuthi izitha zithole amagoli.
“Uma singaphumelela ukwenza lokho ngiyakholelwa ekutheni kuningi okungasuka ezingqondweni zabantu ngathi ngoba ibhola esilidlalayo liyathembisa.
“Kusemqoka ukusebenzisa leli thuba esilithola ngeChippa ngoba uma silisebenzise ngendlela kuningi esizokuzuza ngokwenza lokho.
“Angikatatazeli okwamanje ngoba isimo esikusona singamanzi amancane uma usiqhathanisa nalezi esengike ngadlula kuzona phambilini,” kusho uVilakazi ngokuzethemba.