Cape Town City (0) 0
AmaZulu (0) 1
AMAZULU ajabulise abalandeli bawo eqeda ishobolo lokunganqobi isikhathi eside emidlalweni yeDStv Premiership.
Ashaye iCape Town City, ngo 1-0, emdlalweni obungeSonto, eCape Town Stadium.
Aweliswe igoli alivalelwe phakathi uJunior Dion obesuka ebhentshini.
Ulishaye ngomzuzu ka-71, eqedela ibhola likazakwabo uVictor Letsoalo ebelishaye ipali.
Bese kuphele imidlalo eyisithupha kulandelana agcina ukunqoba kweyeligi. Agcina ukuthola amaphuzu aphelele ngoDisemba, eshaya omkhaya bawo iRoyal AM, ngo 3-0.
Phakathi kwale midlalo akwaze ukunqoba emibili yeNedbank Cup.
Kuyimanje akuma-quarterfinal azobhekana kuwo ne-Orlando Pirates, ngoMgqibelo, eMoses Mabhida Stadium.
Akubuzwa ukuthi abalandeli bawo bafisa iqhubeke inhlanhla yokwenza kahle kulo mqhudelwano.
ICape Town City ihlasele zisuka kubhoke abagadli bayo uKhanyisa Mayo, Taahir Goedeman noDarwin Gonzalez belekelelwa uRelebogile Mokhuoane odlala esiswini. Zenze umsebenzi oncomekayo izitobha zoSuthu, uRamahlwe Mphahlele noTaariq Fielis, zivimba amabhola ayingozi.
Ngomzuzu ka-26, isitobha samaCitizens, uKean Cupido, sithole ikhadi elibomvu ngenxa yokudlalisa kabi umgadli woSuthu, uLetsoalo obese ebhekene nonozinti uDarren Keet. AmaZulu aze aqala ukuhlasela ngemuva kwaleli khadi.
Esiwombeni sesibili bekubonakala engathi AmaZulu ayahluleka ukusebenzisa ukushoda kwezitha zawo. Nakuba abehlasela kodwa abehluleka ukusebenzisa amathuba.
Abeyekele abadlali beCity abanjengoMayo ukucanasa phambili. Nokho lo mgadli ugcine engawuqedanga umdlalo. Omunye obeyingozi ogcine ephumile uMokhuoane
Izinto ziqale ukushubela iCity ngesikhathi kungena u-Augustine Mulenga noJunior Dion abangabagadli boSuthu.
Akuphelanga sikhathi esingakanani engenile uDion walibeka phakathi.
Ngasekupheleni komdlalo, iCity ibuye ngamandla ifuna igoli lokulinganisa. Ihluleke noma seyithole i-free kick sekwengezwe isikhathi sikanompempe.
Empeleni kulo mdlalo bekuhlangane amaqembu angenzi kahle kwiligi.
Bekuwumdlalo wesikhombisa iCity inganqobi kulandelana kwiligi.
Owesishiyagalombili ngeshaywe kuwo iSuperSport United koweLast 32 Nedbank Cup.
Leli qembu elicijwa u-Eric Tinkler, lizoze lidlale koweligi ngo-Ephreli 21, nePolokwane City, e-Old Peter Mokaba Stadium