SEKUYIME emphinjeni inhloko yonondweba kwiSouth African Football Association (Safa), u-Abdul Ebrahim, ukuhlale ichaza ngezinqumo zonompempe asebegxekwa zimpelasonto zonke.
Kulokhu indaba esegudwini ngeka-Abongile Tom obeshaya indweba emdlalweni wamanqamu eMTN8 okunqobe kuwo i-Orlando Pirates ngo 3-1 ishaya iStellenbosch, eMoses Mabhida Stadium.
Ngemuva komdlalo uSteve Barker ocija iStellies, ubedinwe eveva ngenxa yesinye sezinqumo zikaTom. Umsole ngokuvumela uRelebohile Mofokeng ukuthi ashaye i-freekick endaweni okungeyona okwenzeke kuyo isigameko. Lokhu kuholele ekutheni uTshegofatso Mabasa ashayele iPirates igoli lesibili. NabeZimnyama baphindisele ngokuthi nabo barojiwe njengoba kuvunyelwe uThabo Moloisane ukuthi ajikijele ibhola endaweni elingaphumelanga kuyona. Nakho lokhu kuholele ekutheni uLehlohonolo Mojela ashayele iStellies elokuqala.
UVictor Hlungwani, owayengunompempe osehlaziya izinqumo zonompempe ohlelweni lwezemidlalo, iSoccerzone, kwiSABC 1 umsolile uTom ngezinye izinqumo ezithathile. Uthe ubengafanele avumele umdlali weStellies aphose ibhola lapho lingaphumelanga khona, waphinde wamsola nange-free kick kaMofokeng.
Kwenzeka lokhu ekubeni uTom engomunye wonondweba abangaphansi kwethimba leFifa. Uphinde abe kweleCaf elivivinyelwa ukudlalisa kwiFifa World Cup yango-2026. Ukuqhubeka kwala maphutha kuqhubekezele phambili isiphakamiso sokusetshenziswa kwe-Video Assistant Referee (VAR) ebholeni lakuleli.
Isehlakalo sikaTom besilandela esikaSikhumbuzo Gasa osolwe abalandeli ngokucindezela iKaizer Chiefs emasontweni amabili edlule, idliwa iMamelodi Sundowns koweBetway Premiership.
UHlungwani nekomiti lonondweba kwiSafa bacashunwe bameseka ezinqumweni azithathile uGasa.
Empelasontweni efanayo kuphinde kwagxekwa noMasixole Bambiso ngokungasiniki isitobha sePirates, uThabiso Sesane ikhadi elibomvu ekubeni sidlalise kabi uJustice Figuareido weRichards Bay owayebonakala esethubeni lokushaya igoli. EZimnyama zigcine zinqobe ngo 1-0.
“Sengikhathele ukuthi njalo ngemuva kwemidlalo yangezimpelasonto ngihlale ngichaza ngezinqumo ezithathwe ngonondweba. Angiqondile ukubavikela kodwa nabo bangabantu bayawenza amaphutha
“Nakulokhu sisazohlala phansi, sicwaninge indlela abadlalise ngayo kowePirates neStellenbosch. Okubuhlungu ukuthi wonke umuntu uyaphawula ngemithetho yebhola ekubeni engenalwazi oluphelele. Esikhathini esiningi onompempe sibathola bengenamaphutha," kubeka u-Ebrahim ephakamisa izwi.
Ubuze ukuthi uTom nabanye bakhethwa kanjani iFifa uma behlulwa umsebenzi.
“Uma abantu bebona engathi abawenzi ngendlela umsebenzi, pho iFifa ibabiza kanjani,” kuqhuba u-Ebrahim.
Kuvela ukuthi uTom uzobe eshaya impempe emdlalweni we-Ivory Coast neSiera Leone, ngo-9 ebusuku, ngoLwesihlanu kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations (Afcon) yango-2025, eMorocco.