NAKUBA ehlabeke umxhwele ngendlela iqembu lakhe elivule ngayo kwiBetway Premiership umqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro, usafuna liqhubeke nokugxila emdlalweni ngamunye.
Ezimnyama zinqobe AmaZulu FC ngo 2-1 e-Orlando Stadium, ngoLwesihlanu ebusuku, okuchaza ukuthi sezinqobe imidlalo emihlanu ilandelana kwiligi.
Ukuthatha imidlalo emihlanu ukuhlanganisa amaphuzu angu-15 kukhombisa ukuthi leli qembu lilikhuphulile izinga uma kuqhathaniswa namasizini amahlanu adlule.
Kulawa masizini lidinge imidlalo engu-10 kuya kwengu-12 ukuze lifinyelele emaphuzwini angu-15.
URiveiro uthe kuhle ukuthuthuka kweqembu kodwa lesi akusona isikhathi sokucabanga izibalo.
“Ngifuna ukunqoba yonke imidlalo kodwa, hhayi ngoba inhloso kuwukuqopha amarekhodi. Lezo yizinto ongazibheka uma usuthathe umhlalaphansi, ubone ukuthi kukhona okubalulekile owakwenza,” kusho uRiveiro.
“Njengamanje okusemqoka wukuthi siyadlala ngoLwesibili neTS Galaxy futhi kukhona amanye amaphuzu amathathu okumele siwadlalele. Kuzoba nzima kakhulu. Uma sifuna ukuphinde sinqobe kufanele siphumule, senze isiqiniseko sokuthi sisesimweni esihle ngoLwesibili.
“Njengoba ngishilo, sizobheka izibalo ekupheleni kwesizini ukuze sibone ukuthi esikwenzayo njengamanje kuzokwazi yini ukusizuzisa lokhu esifuna ukukuzuza ekugcineni.”
Yize ezikaMagebhula zithathe amaphuzu agcwele emidlalweni yazo yeligi, uRiveiro uthe kufanele iqembu lakhe livale kangcono emuva njengoba engeneme ngokuvumela Usuthu lushaye igoli umdlalo usuzophela.
Ukholwa nawukuthi amaphutha abawenzile ngesikhathi bemaka yisona sizathu esiholele ekutheni bakhishwe yiMagesi FC ngo 3-2 kwiCarling Knockout.
“Asineme ngegoli esilidedele ekugcineni. Silwa kanzima ukuthi singangenisi magoli. Siyazi ukuthi uma sikwenza lokho maningi amathuba okuthi sinqobe ngenxa yabadlali esinabo phambili,” usho kanje.
IPirates isethubeni lokunqoba omunye umdlalo weligi uma isibhekene neTS Galaxy eMbombela Stadium ngoLwesibili ngo-7.30pm.
IRockets iyiqale kabi isizini kwazise isayibambe ngasemsileni endaweni ka-15 ngephuzu elilodwa emidlalweni emine. Iphuzu lokuqala ilithole ngesikhathi ibambana ngo 1-1 neMarumo Gallants ngoMgqibelo.
Kweminye imidlalo inqotshwe yiRichards Bay FC, SuperSport United neChippa United.